KULE minyaka engu-111 i-Alfa Romeo ikhona kuke kwaba nesikhathi lapho iNingizimu Afrika ike yabalwa namazwe ayimakethe enkulu yayo ngaphandle kwase-Italy lapho idabuka khona.
Ukuthi konakalaphi yibo abaziyo kodwa selokhu i-Alfa ingene ngaphansi kweStellantis Group, lelo dumela bafuna ukulibuyisa.
Lokhu bakwenza ngokuthuthukisa kanye kanye izimoto zabo okuyiGiulia sedan neStelvio SUV. Lezi zimoto zincintisana nezinkunzi zaseGermany kakhulu kodwa ezikuqhakambisayo ukuthi izinto zifika nazo ngaphandle kokwengeza imali njengoba kwenzeka ezimbangini.
IGiulia ifika ngezinhlobo ezimbili okuyiVeloce neQV. Umehluko obonakalayo kuzo zombili mncane kuze kube uzwa ngamandla enjini. Zombili zinamarimu angu-19 inch, amaxenon headlights (bi-xenon kwiQV), sunroof, 8.8 inch touchscreen eveza iselula nge-apple carplay nokunye.
Amalambu ayazikhanyisa kakhulu adime uma kuqhamuka enye imoto, iyasho uma kunemoto esecelni, iyabika uma ingase ishayise ngaphambili, iyakusiza ukuthi ihlale emzileni, adaptive cruise control, izihlalo zangaphambili ezihlelwa ngogesi futhi ezibuye zifudumale nokunye.
IVeloce ifika nenjini engu-2.0 litre turbo enamandla angu-206kW netorque engu-400Nm. Ijubane layo elikhulu ngu-240km/h.
I-QV yona iphethe engu-2.9 litre BiTurbo efuqa amandla alingana naweBMW M3 Competition angu-375kW netorque engaphansi ngo-50Nm kwiM3 engu-600Nm.
Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-3.9 kuthi ijubane elikhulu kube ngu-307km/h. Zombili neVeloce zisbenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo weZF.
IStelvio yona ifika namarimu angu-20 inch, amaLED daytime running lights, amaBi-xenon headlights, nebhuthi evuleka ngogesi.
NjengeGiulia, ihlukene ngezinhlobo ezimbili okoyiSuper neQ futhi izinto ezinazo (iGiulia neStelvio) cishe ziyefana.
ISuper inenjini engu-2.0l turbo njengeGiulia Veloce bese kuthi iQ ibe nengu-2.9l BiTurbo njengeQV. Umehluko ukuthi zidonsa ngawo womane amasondo.
Eminyakeni edlule ngike ngayishayela iStelvio futhi emgwaqeni ingenye yamaSUV anamathelayo emgwaqeni nokuyinto esafana nakule. NeGiulia nayo ihleli emgwaqeni futhi intofontofo. Okungichaza ngazo zombili ukuthi noma uzithinta ngaphakathi uyazizwa ukuthi ziqinile.
Intengo:
Alfa Romeo Giulia Veloce: R 989,900.00
Alfa Romeo Giulia QV: R 1,599,900.00
Alfa Romeo Stelvio Super: R 1,159,900.00
Alfa Romeo Stelvio Q: R 1,749,900.00
Zombili zifika newarranty nemaintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.