IMOTO: PEUGEOT 3008 GT
UMA kukhona into okumele inconywe ngezimoto zakwaPeugeot zakamuva, wubuhle bazo.
Emasontweni edlule sibhale ngePeugeot 2008 okuyiSUV encane, nayo edonsa amehlo abantu ngendlela eyakhiwe ngayo. Kulokhu siphethe ethe ukuba nkudlwana i-3008. Incintisana nezimoto ezinjengeVW Tiguan ethuthukiswe kancane nesanda kuqala ukudayiswa, iToyota RAV4, iHyundai Tucson nezinye.
Lolu hlobo lwe3008, alulusha kangako wukuthi luthuthukisiwe lwase luyashintswa kunaleyo eyethulwa ngo-2016. Ngaphambili lunegrille ephicwe kahle, amalambu ayiLED namadaytime running lights nawo ayiLED. Uma uyibuka ngohlangothi kugqame ichrome eze iyishaya ngemuva, amaroof rails bese kuba namarimu angu-19 inch. Nesondo eliyisipele nalo likhulu nokuyinto engicabanga ukuthi ibuye iphazamise isikhala ebhuthini.
Ngemuva amalambu akhona ayiLED kube nechrome kubhampa nalapho kuhlala khona izinqawe. Indawo yezinqawe iwumhlobiso nje wokuyenza ibukeke kahle ngoba inqawe iyodwa ngakwesokudla futhi ibheke phansi.
Uma ungena ngaphakathi ngeke nhlobo ungcole. Lokhu kungenxa yokuthi "isiketi" esimnyama esigudla phansi ezicabheni sokuyivikela sibamba ukungcola nokuthi uma uvula isicabha sihlale sihlanzekile ngezansi ngaphakathi.
Okufike kuhehe yizihlalo zesikhumba eziphicwe kahle. Esomshayeli sihlelwa ngogesi, siyakuwotawota futhi siyakwazi ukushisa. Esomgibeli ngaphambili naso siyakwazi ukufudumala.
Ngaphambili kumi itouchscreen infotainment system engu-10 inch. Iveza ikhamera yangaphandle esiza uma upaka, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma iBluetooth, inenkombandlela, idlala umsakazo nokunye. Ibibuye ijame kwesinye isikhathi. Ngezansi kunamabhathini okulawula khona. I-instrument cluster idigital futhi uyakwazi ukuyishintsha indlela ebukeka ngayo.
Abagibeli bahlala ngokukhululeka futhi kunezimbobo zokushaja amaselula ngemuva. Ngaphambili kukhona eyokushaja nge-USB neyokushaja ngaphandle kwentambo. Ebhuthini isikhala sikhona futhi uyakwazi nokulalisa izihlalo ukuze sande.
Ngaphansi kwebhonethi kukhona injini engu-1.6 litre turbocharged kaphethiloli. Inamandla angu-121kW netorque engu-240Nm. Ugearbox uyi-6 speed auto.
Ihamba kahle amabhampi izama ukuthi ningawazweli ngaphakathi nomsindo wangaphandle nowenjini mncane kakhulu ngaphakathi. Nokuphakama kwayo kwenza umgwaqo uwubone kahle ngaphambili.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-8.2 ngo-100km.
Okungichaza ngayo ukuthi iphephile njengoba ibika uma into ephambi kwakho iseduze kakhulu futhi ibhreke, ine-adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala isemzileni, iyasho uma umshayeli esekhathele nokunye.
Linyuke kakhulu izinga lale moto eyakhiwa eFrance, kwaPeugeot benze umsebenzi omuhle.
Intengo:
PEUGEOT 3008 GT R644 900
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km newarranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.