ESIKHATHINI sobunzima lapho izinkampani zishodelwa khona yisitokwe ngenxa yokuntula ama-semiconductor afakwa ezimotweni, iSuzuki izishaya isifuba ngokuphula irekhodi layo lokudayisa kakhulu eNingizimu Afrika.
ISuzuki Auto South Africa iphule irekhodi idayisa kakhulu ngenyanga eyodwa. Ilephule ngezimoto ezingaphezu kuka-600.
Le nkampani ikwaze ukudayisa izimoto ezintsha ezingu-3 134 ngoSepthemba okwenze yaba ngenye yezinkampani ezintathu eziphezulu ukudayisa kakhulu izimoto. Ilandela iToyota South Africa Motors neVolkswagen Group South Africa.
“Sijabule kakhulu ngokunyuka ngalolu hlobo kwesibalo sezimoto esizidayisile ezweni ngenyanga eyodwa. Esikuqaphelile ukuthi zonke izimoto ebesizihambisa emagaraji bese zinabanikazi bazo abese bezithengile. Kumanje amagaraji asitshela ukuthi kunamakhasimende ethu asohlwini afuna izimoto ezincane, amaSUV noma ezokusebenza,” kusho uHenno Havenga oyimenenja ye-auto dealer sales kwaSuzuki Auto.
Kungokokuqala emlandweni ukuthi iSuzuki ikwazi ukudayisa izimoto ezingaphezu kuka-3 000 ngenyanga eyodwa. NgoJulayi ka-2019 yaqopha irekhodi elisha ngokudayisa izimoto ezingu-1 577, yaphula irekhodi lika-2 000 ngokudayisa ezingu-2 032 ngo-Okthoba 2020. Leli rekhodi alihlalanga kakhulu njengoba ngoFebhuwari 2021 idayise ezingu-2 142, kwathi ngoMashi yadayisa ezingu-2 397. Akukapheli ngisho izinyanga ezingu-12 njengoba isiphule irekhodi yadayisa ngaphezu kuka-3 000.
ISuzuki idayise amaSwift angu-935, amaS-Presso angu-504, amaVitara Brezza angu-455 nama-Ertig angu-387. athenga iS-Presso ngoSepthemba nje kuphela.
I-The Vitara Brezza, yona idayise kakhulu e-India njengoba kuthengwe ezingu-455 kwadayiswa nama-Ertiga angu-387.
INaamsa, the automotive industry council, ibike ukuthi ibhizinisi liyasimama njengoba kwehliswe imigomo yomvalelandloni.
NgokweNaamsa kuvela ukuthi embonini kudayiswe izimoto ezingu-43 130 ngoSepthemba okunguyisibalo esinyuke ngo-15,8% uma kuqhathaniswa noSepthemba wonyaka odlule.
Izinkampani ezidayise kakhulu ngoSepthemba yilezi:
Toyota - 10 936
Volkswagen Group SA - 7 029
Suzuki Auto - 3 134
Hyundai Automotive South Africa - 2 930
Renault - 2 520
Nissan - 2 330
Kia South Africa - 2 230
Ford Motor Company - 2 021
Haval Motors SA - 1 990
Isuzu Motors South Africa - 1 924
BMW Group - 1 114
Mazda Southern Africa - 579
Stellantis - 534
Mahindra - 461
Honda - 438