IMOTO: NISSAN NAVARA
KUYANGIJABULISA ukuthi iNissan ithathe isinqumo sokuthi iveni iNavara iyikhiqize efemini yayo esePitoli bese idayiswa kuleli nakwamanye amazwe.
Lokhu kudala amathuba omsebenzi esikhathini lapho kubheda khona kwabaningi. Amaveni yintandokazi eNingizimu Afrika njengoba zinyanga zonke ethengwa ubuthaphuthaphu.
INavara entsha ifika nezinguquko futhi inezinhlobo cishe ezingu-17 ezingamaSingle Cab namaDouble Cab angama-4x2 nama-4x4. Esihamba ngayo kodwa thina yiPRO-2X 4x2.
Iyabukeka ngaphandle ngalo mbala oGrey ongathi yintandokazi ngoba amaningi engiwabonayo ambethe wona. Ikhanyisa ngamaLED headlight bese iba nama-fog light ngezansi. Inamarimu amnyama angu-17 inch amesha kahle ne-grille ayenza igqame ngaphambili, ama-roof rail, izibuko nesitebhisi eceleni. Esikhenkeni, abathe ukusivula kancane, ngathi ungafaka ikhava ukuze uzokwazi ukusisebenzisela ukulayisha impahla ivikeleke.
Ngena ngaphakathi uzofike uhlale ezihlalweni zesikhumba.
Okungichaza ngengaphakathi ukuthi kulula ukusheshe ubambe ukuthi izinto zikuphi futhi yini umsebenzi wazo. I-touchscreen infotainment system nje kulula ukuyisebenzisa, inenkombandlela futhi ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay. Amabhathini asesiteringini esenziwe kabusha enza ukuthi izandla ungazisusi kuso.
Okungichazayo ukuthi kunezimbobo ezine zokushaja nge-USB. Ukucwebezela okungasegiyeni bekubuye kube yinkinga elangeni ngoba ligqoma khona bese liyaxhopha.
Ngaphansi kwebhonethi ayisekho injini engu-2.3 twin-turbo eyayikhona kwiNavara edlule. Kunalokho kufakwe engu-2.5 litre turbo diesel enamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm.
U-gearbox wayo uyi-7 speed auto. Uma usuka ngiyizwe iba nokubambezeleka kancane ngaphambi kokungena ejubaneni lapho ongayizwa khona ukuthi ihamba ngasiphi isivinini ngenxa yokuba ntofontofo kwayo. Vele i-suspension ngenye yezinto abazishintshile futhi lokhu kuyezwakala. Uma ihamba amagiya ashintsha kahle.
Kudizili ibidla amalitha angu-9.5 ngo-100km ethangini elingu-80 litres
Enye yezinto engiyithanda ngayo ngezokuphepha efika nazo.
Zihlanganisa ama-airbag ngaphakathi, amakhamera nama-sensor asiza ukuthi ungashayisi, iyazibamba amabhreki uma kunengozi, iyakuxwayisa uma ingase ishayise ngaphambili, iyasho uma uphuma emzileni noma kunemoto eseceleni, cruise control, iyazibamba ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo nokunye.
Isiteringi sithe ukuthamba bese ijika kalula.
INavara ibhekene nezintandokazi embangweni wabathengi kodwa izinguquko abazenzile zinoju futhi zizokwenza kube lula ukudoba abantu.
Intengo:
2.5 DDTi PRO-2X 4X2 AT - R699 000
Ifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka eyisithupha noma u-150 000km.