IMOTO: AUDI Q5 SPORTBACK
INGAKATHULWA eNingizimu Afrika nyakenye i-Audi Q5 Sportback omunye umngani wami wayeseyibonile kwazise yayisikhona phesheya lapho ezinze khona.
“Mfowethu, ngokwami iSportback Q5 neQ3 yizona zimoto ezinhle ngo-2021,” kusho yena ngo-Agasti.
Kuthe ngoNovemba ngonyaka odlule yethulwa kodwa ngangakwazi ukuya, kwaya uzakwethu uThokozani Ndlovu. Ebuya uyichaze ngokuthi “idle ngobuhle futhi ibukeka sengathi izozibhincisela nxanye ezinye izimoto ebanga nazo”.
Ngokwami ayinasimanga, iyafana namanye ama-Audi, ikakhulu iQ5 esuselwe kuyo.
Ngeke uze uthi yinhle kakhulu kuneMercedes-Benz GLC Coupé ebanga nayo. Enye imbangi yayo yiBMW X4.
Njengoba ngishilo ukuthi isuselwe kwiQ5 ejwayelekile, umehluko ungemuva kakhulu lapho ukhakhayi luba yisibaca khona kwazise iyi-coupé
Ngale kwalokho awukho kangako, ine-grille enkulu ngaphambili, amalambu angamaLED ngemuva nangaphambili namarimu angu-19 inch.
Kulena bangeze nezitebhisi emaceleni engingazithandi nakancane. Ngale kokuthi iyabukeka ngaphandle kwazo kodwa bezilokhu zisho ukungikheqa uma ngehla. NakwiGLC Coupé zikhona.
Ngaphakathi angisheshe ngikutshele ukuthi ibhuthi ingu-510 litres futhi uma ulalise izihlalo iba ngu-1 480 litres. Uma uqhathanisa neQ5 ejwayelekile incane engu-10 litres no-40 litres uma ulalise izihlalo. I-X4 yona ngakolunye uhlangothi inkudlwana kancane uma izihlalo zimile njengoba ingu-525 litres kodwa incane uma zilele kwazise ingu-1 430 litres.
Izinga liphezulu ngaphakathi. Inezihlalo zesikhumba futhi kula makhaza nemvula ngempelasonto nje, zenze umsebenzi omkhulu ezangaphambili ngoba ziyafudumala futhi zihlelwa ngogesi.
Yonke into isobala futhi uyashesha ukuyijwayela. I-netouchscreeen infotainment system lapho kuvela khona inkombandlela, udlala umsakazo (ngezipikha ezikhala kamnandi zeBang & Olufsen), uxhuma iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Inkombandlela uphinde uyibone nakwi-virtual cockpit plus inkulu.
Okunye enakho yi-panoramic sunroof enkulu okhakhayini, yizindawo ezimbili zokushaja ngemuva nokunye. Angikuveze ukuthi ezinye zezinto ezifakwe lapha uzengezela imali ukuze uzithole.
NjengeQ5 ejwayelekile, inenjini engu-2.0 litre kadizili, enamandla angu-140kW ne-torque engu-400Nm okungamandla afana ncimishi naweX4 xDrive 20d.
Isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-8.1. Ijubane elikhulu ngu-220 km/h.
Ngamandla anele lawa, angikhathalele noma ilayishe igcwele noma uzihambela wedwa. Njengoba belina nje, bengihamba ngokuzethemba ngoba idonsa ngawo womane amasondo. Namabhampi bengiwezwa ngendaba njengoba ifakwe i-adaptive air suspension.
Ngingena emgwaqweni owubhuqu eDouglas, eMnambithi, ngivele ngayiphakamisa umzimba ukuze ingashayi phansi.
Ngo-100km igcine idla amalitha angu-6.7 okuyinto ekahle kakhulu.
Ikahle impela yona kodwa angazi noma ukhakhayi oluyisibaca ngemuva lwanele yini ukuthi ukhiphe imali ecela kuR90 000 kuneQ5 ejwayelekile.
Intengo:
Audi Q5 Sportback 40 TDI quattro Advanced R960 000
Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.