IMOTO: BMW M440i xDrive Coupé
UMA udlulisa amehlo ungazitshela ukuthi iBMW M440i xDrive Coupé yi-4 Series Coupé ejwayelekile kanti lutho.
Ngaphandle akukho okukhombisa ukuthi inamandla esambane kwazise ayihlukile kakhulu kunezinye zakwabo. Umehluko omkhulu usenjinini ngoba ingena phakathi kwe-4 Series 420d enamandla angu-140kW neM4 yona efuqa angu-375kW.
I-M440i inenjini engu-3 litre six-cylinder kaphethroli efuqa 285kW netorque engu-500Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-eight speed ozishintshayo ofaka amandla kuwo wonke amasondo. Isuka ihlale ku-100km/h ngemizuzwa engu-4.5 kuthi ijubane elikhulu kube ngu-250km/h.
Yize idonsa ngawo womane amasondo uma ushaya ikhona ngesivinini uzwa nesinqa sithi ukutshikiza kancane kodwa ibambelele, ikakhulu uma uyifake kuSport Plus. Nesiteringi sithe ukuqumba sigcwala isandla futhi uyayizwa ijika uma uyijikisa.
Uma ulunguza isivinini yilapho ubona ukuthi iyagijima ngoba ayizwakali.
Empeleni yilapho emnandi khona, ukuzishayela izindawo uthathe uhambo olude kodwa wazi ukuthi uma sekudingeka amandla njengawokudlula enye imoto ngokushesha, akhona.
Uma isifudumele kahle, izinqawe ngemuva zinakho ukubhonga.
Ngo-100km ibidla amalitha kaphethroli angu-11.9.
IM440i M Performance model ifika namarimu angu-19 inch, amabrake calipers aluhlaza okwesibhakabhaka, amalambu eLED nokunye.
Ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba ozihlela ngogesi. Isikhala udedangendlale nasebhuthini. Inetouchscreen infotainment system eveza ingaphandle uma uhlehla futhi uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, inenkombandlela nokunye.
Intengo:
BMW M440i xDrive Coupé - R1 227 400