IMOTO: BMW 4 SERIES GRAN COUPÉ
OKUYIYONA eyindokazi kuzona zonke izinhlobo zama-4 Series, i-4 Series Gran Coupé, isithelekile eNinigizimu Afrika.
KwaBMW South Africa bathi kuwona wonke ama-4 Series abawadayisayo (angaphezu kuka-800 000 emhlabeni jikelele nakuleli) u-50% wawo yiGran Coupé bese kuthi iCoupé neConvertible zona zize ngemuva ngo-25% inhlobo ngayinye.
Lokhu akuthusi ngenxa yokuthi iGran Coupé into edle ngayo kakhulu ukuthi kulula ukuphuma nokungena kuyo kwazise inezicabha ezine ayifani nalezi ezinye ezinezimbili. Kuzona uma kuzongena umuntu ngemuva ongaphambili kumele ehle ukuze angene nokubuye kube wumsebenzi kwesinye isikhathi.
IGran Coupé eyethulwa eThekwini kuleli sonto ngeyesizukulwane sesibili kwazise eyokuqala yaqala ukutholakala kusuka ngo-2014.
Yinde, iphakeme futhi ivulekile kunendala. Iwheelbase yayo ingu-2 856mm nokuwubude obungaphezulu ngo-46mm uma uyiqhathanisa nendala. Eye-3 Series iyishiya ngo-5mm.
Ukuvuleka kwayo kwenza abagibeli babe nodedangendlale wesikhala ngaphakathi futhi ezihlalweni zangemuva uyakwazi ukufaka izihlalo zezingane ezintathu. Ibhuthi nayo ithe xaxa kunendala kwazise ingu-470 litres futhi uma unempahla eningi futhi ungahambi namuntu ngemuva, ukwazi ukulalisa izihlalo isikhala sande sibe ngu-1 290 litres.
Ingaphakathi liyilokhu okumele ukulindele ezimotweni zakwaBMW, izinga liphezulu.
Ufica amasports seats neSport steering wheel esakhiwe ngesikhumba. Kunedigital se-infortainment system. Sikuvezela iminingwane ngemoto, inkombandlela, ingemuva uma uhlehla, iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye.
Uma uthanda uyakwazi ukuzikhethela isikhumba ofuna igqize ngaso ngaphakathi, izihlalo ezifudumalayo ziphinde ziqande, isunroof nezipikha zeHaramn Kardon.
I-4 Series Gran Coupé, elandela iCoupé kuleli sonto okuphela unyaka yethulwa eNingizimu Afrika, ihlukene ngezinhlobo ezintathu – yi-420i, 420d neM440i xDrive.
Into ezifana ngayo ukuthi zonke zinogearbox oyi-8 speed ozishintshayo nama pedal shifters ngemuva kwesiteringi.
I-420i inenjini kaphethroli engu-2.0 litre turbo enamandla angu0-135kW netorque engu-300Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-7.9 bese kuthi ijubane elikhulu ligcine ku-235km/h.
Okuyiyo engiyithandayo yi-420d. Nayo inenjini engu-2.0 litre turbo kodwa ekadizili. Inamandla angu-140kW netorque engu-400Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-7.5 bese kuthi ijubane elikhulu libe ngu-233km/h.
Okumnandi ngayo ukuthi awuwasweli amandla kodwa futhi iyonga nokuyinto enhle kwazise intengo kadizili imba eqolo kulezi zinsuku.
Eyokugcina iM440 xDrive enenjini engu-3.0 litre. Ikhafula amandla angu-285kW netorque engu-500Nm. Ibamba u-100km/h ngemizuzwana engu-4.7 kuthi ijubane elikhulu limiswe ku-250km/h.
Isuka ihlale futhi awuyizwa ngoba intofontofo uze uqaphele uma uthi nhla amehlo ejubaneni okuyilapho ubona khona ukuthi iphoyisa liyophuma liqhasha likubopha.
Ikhona iyalinamathela kwazise idonsa ngawo womane amasondo futhi ineM Sport differential noma sekumiwa amabhreki ayiM sport awakhalisi.
Amasondo ehamba ngawo angu-19 inch. Ezinye izinhlobo ze-4 Series Gran Coupé zona zifika nangu-18 inch.
Ngaphandle igqamile kwazise inegrille eyasusa ukukhuluma enkulu futhi kunezinhlobo zemibala eziwadonsayo amehlo. Uma uthanda uyigaxa iM Carbon exterior package okanye amaM Performance Parts.
Intengo:
420i – R930 000
420d – R980 000
M440i xDrive – R1 300 000