ISIKHULU seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithi abantu kumele behlise umoya uma beshayela ezindaweni ezinesiminyaminya esidalwa wukunqamuka kukagesi okuhleliwe.
U-Herbert uthe abantu kumele bazazi izikhathi okuzonqanyulwa ngazo ugesi ezindaweni abahlala kuzo.
"Yize kucasula kodwa kumele sikwamukele ukuthi ukunqamuka kukagesi okuhleliwe yinto ekhona. Ngena emotweni uzilungele izingqinamba lokhu okuzidalayo bese uzama ukumelana nazo ngendlela ephephile. Uma uvumela ukubuswa ukucasuka ushayela, isimo siba yingozi."
Uthe nanka amathiphu angasiza abashayeli:
- Zama ukugwema izindlela okunqanyulwa kuzo ugesi ngesikhathi ohamba ngaso.
- Zinikeze isikhathi esithe xaxa sokuhamba ukuze ungabi nengcindezi uma ushayela.
- Ungashayeli ngale komugqa ophuzi esiminyaminyeni. Lokhu kwenza isimo sibe bucayi futhi kube yingozi ukubuyela emgwaqweni nokuyinto engacasula nabanye abashayeli.
- Yize izimpambano zomgwaqo kumele zithathwe njenge four-way stop kodwa lokhu akwenzeki nokuphoqa ukuthi kubaluleke ukuhlolisisa ngaphambi kokunqamula.
- Uma bona kunzima ukwehlisa umoya esiminyaminyeni, thola izindlela ezizokusiza ukwehlisa umoya njengokudlala umculo ngaphambi kokuhamba.
- Lalela abantu abalawula izimoto emgwaqeni futhi ubahloniphe.
- Uma kukhona umshayeli oshayela kabi, kungcono umzibe umdlulise kunokucasuka.