SEKUJWAYELEKILE ukubonakala kwezimoto ezinkundleni zokuxhumana zibhajiwe noma zimuka ngenxa yemvula ebina umlibe emasontweni adlule eNingizimu Afrika.
Ngempelasonto, imvula enamandla iyishaye kwaze kwaba nezikhukhula. Lokhu kuphoqe ukuthi eminye imigwaqo ivalwe kodwa abanye abashayeli bazithola besenkingeni.
Isikhulu esiphezulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe abashayeli kumele bawagweme amabhuloho akhasa phansi noma izindawo ezijwayele ukuba nezikhukhula.
UHerbert uthe lokhu uma kungenzeki, nanka amathiphu okumele bawasebenzise:
- Khanyisa amalambu uma engakakhanyi.
-Nciphisa isivinini sihambisane nesesimo.
-Shiya isikhala esithe xaxa phakathi kwakho nemoto oyilandelayo ukuze uzoba nesikhathi esanele sokugwema okungenzeka kungahambi kahle.
-Zinike isikhathi esanele sokuma noma ujike emakhoneni.
-Ukuhluleka ukulawula imoto ngenxa yokungena emanzini yinto engase yenzeke uma izulu lina. Ukuhamba ngesivinini esiphansi yiyonandlela enganciphisa amathuba alokhu. Uma kwenzeka, susa kancane unyawo kwi-accelerator kodwa unganyatheli mawala amabhreki noma ujikise isiteringi ngendluzula.
-Uma uqala ukushibilika, unganyatheli mawala amabhreki. Qhubeka nokujikisa isiteringi siye lapho uya khona, ungenzi ngamawala.
-Uma izulu liqhubeka nokuna ngamandla futhi kunegaraji noma indawo ephephile yokuma, kungcono wenze lokho.
Ixhaphozi lamanzi:
-Buka ukuthi mangakanani amanzi. Gwema ukungena emanzini afika phakathi nendawo nesondo noma ngaphezulu.
-Abashayeli abaningi bavele bashayele exhaphozini lamanzi kanti imigwaqo eyenza amanzi ame ingase ibhodloke noma ibe nemigodi.
-Uma kwenzeka, shayela phakathi nomgwaqo lapho amanzi emancane khona.
-Lindela ukuthi izimoto zigxobe amanzi atshaze uma zidlula nokungase kukusithe.
Amanzi ageleza ngamandla:
-Ungalokothi ushayele ngesivinini esiphezulu emanzini ageleza ngamandla. Kunzima ukuwakala.
-Ngisho namaloli angamuka.
-Uma uzithela emanzini ageleza ngamandla, shayela ngesivinini esiphansi ngegiya lokuqala noma lesibili.
-Uma usudlulile emanzini, thinta kancane amabhreki izikhathi ezimbalwa ukuwomisa.
- Uma imoto icima futhi ungekho sengozini yokuthi umuke, ungayidumisi imoto. Kungcono uthinte umakhenikha ozobheka ukuthi awekho yini angene enjinini?
Uma uzithola ubhekene nezikhukhula:
-Uma uzwa engathi imoto yakho iyashelela emgwaqweni, vula isicabha ungenise amanye ukuze izoba nesisindo esingasiza ukuthi imoto ihlale phansi namasondo anamathele.
-Uma usengozini yokumuka, shiya imoto uma ubona ithuba futhi kuphephile.