ABASHAYELI babhekene nezingqinamba ezehlukene emgwaqeni ngenxa yezibhelu ezikhona.
Isikhulu seMasterDrive u-Eugene Herbert, sithe ukujikijelwa ngamatshe kwezimoto nokushayela uchushe esixukwini sabantu abayingxenye yezibhelu kwenza ukuthi izimoto zilimale nokuthi kube nzima ukufinyelela lapho abashayeli beya khona.
Unxuse abashayeli ukuthi bakugweme ukuhamba, uma kungenzeka.
"Kungaba nzima kodwa ngenxa yokuthi abantu kumele baqhubeke nokusebenza futhi bahambe beyofuna izidingo. Abasebenzi bezimo ezibalulekile nalabo abangakwazi ukugwema ukuhamba kumele baluhlele kahle uhambo lwabo ngaphambi kokuhamba. Landela izindaba, ubheke ezinkundleni zokuxhumana nesimo somgwaqo ukuthola ukuthi izibhelu noma izindawo ezinobungozi zingakuphi," kusho uHerbert.
Uthe iGoogle Maps inohlelo lokukhombisa izindawo okumele zigwenywe futhi abantu kumele bayisebenzise ukuhlela kahle izinkambo zabo.
Ukhiphe nanka amathiphu angasiza abashayeli:
- Yazisa amaphoyisa ngezibhelu noma ngabe awafiki ngokushesha ukuzobheka isimo.
- Sebenzisa ama-app azokutshela ukuthi izibhelu zingakuphi futhi akutshele ngezindlela ongazisebenzisa.
- Khumbula ukugcina izinto ezibalulekile ebhuthini zingaveli, futhi uzame ukuhamba nezinto ezincane.
- Yenza isiqiniseko sokuthi imoto yakho isesimeni esihle futhi unephethroli owanele.
- Zama ukuhamba nomunye umuntu.
- Uma usebenzisa izithuthi zomphakathi, bheka ukuthi izibhelu zibikwe ngakuphi uzame ezinye izindlela zokuya emsebenzini uma indlela yakho idlula ngakhona.
- Uma uba ezindaweni ezinodlame, iya endaweni ephephile njengasesiteshini samaphoyisa.
- Beka eqhulwini ukuphepha kwakho uzame ukugwema ukuqophisana namazwi nababhikishi futhi uthathe izinqumo ezizokuphephisa.
- Okubalulekile wukuthi uphume endaweni ngokushesha ngendlela ephephile futhi ungami ukukhuluma nababambe iqhaza noma uqophe okwenzekayo.
- Uma kukhona abomthetho, lalela bona.
- Uma indawo ivaliwe, zama ukuthola enye kunokuzama ukudlula kunjalo.