KULINDELEKE ukuthi kuphithizele emigwaqWeni ngale mpelasonto njengoba kungamaholidi ePhasika.
Inkampani ekhiqiza amathayi iSumitomo Rubber South Africa ikhumbuze abashayeli ngamathiphu ahlukene.
Phakathi kwawo wukubheka wonke amathayi ukuthi asakulungele yini ukuba semgwaqeni kubhekwe ukuthi awukho umonakalo obonakalayo kuwo.
Amanye yilawa:
-Hlala njalo ubheka umoya osemasondweni nokuthi afuthwe kahle, enza imoto ibambelele emgwaqweni futhi yonge nakuphethroli.
-Bheka amaloba esondo ukuthi asekahle yini ngoba uma esephelile angenza imoto ishelele.
-Shintsha amathayi ukuze aguge ngokufanayo futhi akulonde isikhathi.
-Bheka iminyaka yamathayi ngoba ngokujwayelekile kuba ngemihlanu. Lokhu kubhaliwe eceleni, ukwenza isibonelo, kuthiwe 3606 okusho ukuthi lakhiwa ngesonto lika-36 ngo-2006.
-Thola umshwalense wamathayi ongakusiza uma lingeke lisalungiseka.
-Hlela kahle indawo ozohamba nozophumula kuyo ngoba ukukhathala komshayeli kungezinye zezinto ezidala izingozi.
-Yiba nezinombolo zabantu abangafonelwa esimweni esiphuthumayo.
-Bheka konke ukuthi kusebenza ngendlela yini emotweni njengamalambu, ama-wiper, amabhuleki nokunye.
-Hlala njalo ufase ibhande nezingane ezincane zihlale ezihlalweni zazo zingagonwa.
-Gwema izinto ezizokuphazamisa uma ushayela.
-Gcina ibanga elikahle phakathi kwakho nemoto oyilandelayo futhi ungashayeli ngesivinini esiphezulu.
-Ungadluli imoto endaweni engafanele.