INKAKHA yomlingisi uJerry Phele, useveze ukuthi isimo sempilo yakhe sike saba nzima ngonyaka odlule, elaliswe esibhedlela wahlinzwa esihlakaleni.
UJerry utshele Isolezwe, ukuthi ukubuya ekulingiseni kuye kufane nephupho njengoba ubeselahle ithemba ngesimo sempilo.
Ubekhuluma neSolezwe njengoba izolo eqale ukubonakala emdlalweni iSmoke & Mirrors kwi-e.tv ngo-9 ebusuku.
Kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaNtate Jerry Phele oyiqola noqamba amanga ngokuthi ufuna ukusiza intsha efuna ukungena ekulingiseni.
“Ngike ngaxinwa ukugula isikhathi eside, ngahlala esibhedlela nokwenze ngangabonakala emkhakheni wokulingisa iminyaka emibili. Manje sengizizwa ngingcono kungakho. Abantu bezoqala bangibone kulo mdlalo nokuyinto ejabulisayo kimi ngoba bese ngilahle ithemba,” kusho uJerry.
Uthe ngesikhathi etshelwa ngaleli thuba usukume wama ngoba ubesefuna ukubonakala ebuya kuthelevishini.
“Ababukeli balo mdlalo kuzoba kubo ukuthi bayayijabulela indawo engizobe ngiyilingisa noma cha, mina ngeke ngikusho lokho ngoba bona kungenzeka bayibone ngenye indlela. Kodwa ngifika ngiwumuntu odumile owaziwayo. Umlingisi uJerry uzoqala ukubonakala engena ehhotela iMartha futhi wonke umuntu afune ukusondelana naye. Yilapho ezoqala abatshele ngamathuba ahlukene angabasiza ngawo emkhakheni wokulingisa. Uzobe eseqala ebaqola imali ngokubatshela ukuthi uyena oqophe ifilimu edumile ethi Emnayameni,” kuchaza yena.
Uthe yize uJerry into yakhe ibonakala kuyiyo isaqala kodwa, ekuhambeni kwesikhathi kuzobonakala ukuthi izomsebenzela yini noma cha.
Uveze ukuthi manje usefisa ukuthi uma kuphela indawo ayilingisayo aqhubeke athole nezinye njengoba isimo sempilo sesingcono.