Ukudlanga kwezigameko zokuqolwa kwabafelokazi ngabafana abancane kuholele ekutheni owesifazane waseMbali abhale incwadi exwayisa ngalo mkhuba.
UNksz Thobile Madondo (42), osanda kwethula ngokusemthethweni le ncwadi ayishicilele ngo-2021, uthe ukubuka izigameko zokuqolwa kwabafelokazi abasuke bezitshela ukuthi bathole uthando ngemuva kokushonelwa ngabayeni babo, kuholele ukuthi abaxwayise ngokubhala incwadi eyinoveli esihloko sithi Ichilo kumfelokazi.
Uthe kule ncwadi umfelokazi osemncane uthole uthando kowesilisa osemncane ocishe alingane nendodakazi yakhe.
"Kule ncwadi lo mfelokazi ongummeli akaqolwanga yonke imali kodwa umfana wayefuna ukuziphilela kamnandi emchutha imali ukuze ayinike intombi yakhe ewuntanga ayefunda nayo enyuvesi. Uma sekhathele wamshiya umfelokazi bahlangana esezokwethula indodakazi yakhe njengesoka layo. Indodakazi eyayisenyuvesi yamqoma yase ifika naye ekhaya izokhombisa ugogo wayo nonina. Umfelokazi wethuka, waquleka uma ebona ukuthi leli soka ngumfana oke wathandana naye," kusho yena.
Uqhube wathi ukhethe ukuthi asebenzise le ndlela ngoba kuningi okwenzekayo kubafelokazi abathola uthando ko-Ben 10.
" Ngifuna abafelokazi babe baqaphe bangajabuleli ukuthi bathole uthando ngemuva kokushonelwa ngabayeni ngoba kungenzeka ukuthi lowo muntu ozitshela ukuthi uzokunika uthando, uzokuchutha ifa lezingane zakho olishiyelwe umyeni wakho. Kwesinye isikhathi kuyenzeka futhi agcine esebone untanga yakhe amthanda ngeqiniso khona lapha ekhaya noma bahlangane njengoba kwenzekile kule ncwadi," kusho yena.
UNksz Madondo, uthe unezincwadi ezintathu azibhalile eyokuqala wayibhala ngo-2018 , efuna ukuzwa amanzi ngobhoko wangayishicilela ngoba wayengalwenzile kahle ucwaningo lwakhe. Manje kunenye esilinde ukushicilelwa ekhuluma ngelokishi iMbali nomlando walo.
" Ngangibhale ngokuthwala okudla lubi kodwa ngabuye ngayiyeka ngoba kunezinto engangingazazi kahle. Inhloso kwakungukubona ukuthi nginalo yini ikhono. Abangifundela balibona ikhono kodwa kwaba ukuthi ezinye izinto zazingahlangene kahle ngase ngiyiyeka. Ngabhala lena ngemuva kokwenza ucwaningo kahle," kusho yena.
Uthe le ncwadi uzishicilele yena kumthathe isikhathi eside ukuthi athole imali yokuthi ayigaye ibe ningi ukuze abantu bayithole.
"Ngiyafisa ukuyifaka ezitolo kodwa kusenzima ngoba kunemali edingwa abayigayayo engingakabi nayo. Okwamanje ngisazidayisela mina ezinkundleni zezokuxhumana," kusho yena.