UMLINGISI osemncane onyelwe yinyoni esandleni ngethuba lokulingisa indawo kaSibongile kusukela kwisizini yesibili yeSibongile and The Dlaminis ezoqala ngenyanga ezayo, uthi uzihlomele zonke izinselelo ezizohambisana nokuyilingisa.
UNsikelelo Mthiyane waseMandlazini, eRichards Bay, enyakatho yaKwaZulu-Natal, ungena esikhaleni sikaLuyanda Zwane. Leli phephandaba bese like labika phambilini ukuthi useshiyile kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Wethu ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6:30 ntambama.
Engxoxweni neSolezwe, uNsikelelo (21) ophothule u-matric eLizwi High ngo-2017 futhi osanda kuthweswa iziqu zobuthishela zaseDurban University of Technology (DUT), uthe uyakuqonda ukuthi kuvame ukuba nzima kwabanye abantu ukwamukela umlingisi osuke elandela oshiyayo.
“Ngiyazi ukuthi kunezinto ongeke wazigwema, njengokugxeka kwabantu ngendlela engakhi ngakho ngizoqhubeka nomsebenzi wami, ngenze okudingwa ngabadidiyeli bomdlalo kimina ukuze ngixoxe indaba kaSibongile ngendlela enobulungiswa. Nakho ukulingisa nabalingisi abawaziyo umsebenzi nabangesekayo kwenza umsebenzi uqhubeke ngendlela efanele,” kusho yena.
Elandisa ngokuthi le ndawo wayithola kanjani, uthe ubevame ukuba yi-extra kuwo lo mdlalo, kwathi ngelinye ilanga wacelwa yi-casting director yawo ukuthi ayozilungiselela ekhaya bese ebuya izomhlola ikhono, engazi ukuthi kanti sebemcabangela le ndawo.
“Akuphelanga sikhathi esingakanani, bangithinta bengazisa ukuthi yimi osezolingisa indawo kaSibongile, kwadlula izinsuku ezimbili saqala ukuqopha kusukela ngaboMeyi kuze kube yimanje. Ngijabule ngaleli thuba njengoba ngisawumlingisi osemncane,” usho kanje.
Uveze nokuthi bayaxhumana noLuyanda (Zwane) oseshiyile futhi bahlale behalaliselana ngomsebenzi wokulingisa abawenzayo.
“Akukho ubutha phakathi kwethu, siyesekana kukho konke esikwenzayo. Ngiyakhumbula nokuthi sake sahlangana kwinhlolokhono yeShaka: iLembe endaweni kaVundlazi, eyagcina itholwe wuyena, nalapho futhi ngamhalalisela.”
Lo mlingisi uthe uyakuthanda futhi ukusakaza nokwethula ezemidlalo. Uke wasakaza kwiNorth Coast Radio ngo-2022, wethula ezemidlalo kwiDurban Youth Radio nyakenye kanti manje wenza unyaka wokuqala ezifundweni zobuntatheli eDUT, eThekwini.
Khonamanjalo, abadidiyeli balo mdlalo sebememezele ukuthi kuzojoyina umlingisi omusha kuwona, uLungelo Mathonsi, ozolingisa indawo kaJabu Mazibuko, ozozamazisa ubudlelwano bukaSibongile noKwenzo (olingiswa wuVuyo Biyela).
Esitatimendeni abasithumelele Isolezwe, baveze ukuthi uJabu uzoba wumqashi kaSibongile futhi ashisekele ukuthandana naye.
Lo mlingisi oseke walingisa kwiGrown Woman yakwi-1Magic neDiep City, uzoshubisa izinto kulo mdlalo njengoba enegqubu lendlela okwadlula ngayo emhlabeni uyise, okwenza afune ukwenza noma yini ukuze kwenzeke ubulungiswa ngalokho.