INKAKHA emculweni kamaskandi, uBheki Ngcobo odume ngelikaHhashi Elimhlophe, ibonga unkosikazi wayo uLinah Ebony Ngcobo, ngempumelelo emculweni njengoba ithi wenze izinto eziningi eminyakeni engu-46, ekule ndima.
NgoMeyi 3, uHhashi uzobe ekhumbula uhambo lwakhe emculweni emcimbini ozoba seMfolozi Casino, eMpangeni.
Uthe ukhethe ukwenza umcimbi ofana nalona ngoba efuna ukukhumbula lapho aqala khona ukwenza umculo futhi ajabule nabantu balapho ezalwa khona.
Endimeni yomculo uthe ungene hhayi ngoba efuna imali kodwa ubenothando, njengoba akhula ebona omalume bakhe beshaya isiginci.
“Ngaba nothando lwesiginci ngafuna ukukwazi ukusisebenzisa. Ngenxa yokuthi thina sasihlonipha ngangingeke ngikwazi ukuthatha iziginci zomalume ngidlale zona kodwa ngakhetha ukuthatha igalane lamafutha, ipulangwe nezintambo ngazakhela esami. Ngakwazi ukuzifundisa sona. Ngagcina ngihambile ngaya eGoli lapho engasebenza khona namaqembu ahlukene enza umculo ohlukene kodwa ekuhambeni kwesikhathi ngabona ukuthi umaskandi yiwona engiwuthanda kakhulu. Lapho ngase ngishadile nomama wakwami owayesedumile ongisize kakhulu ekutheni ngisebenze kulo mkhakha ngigqamise umsebenzi wami,” kusho yena.
Uveze ukuthi yize engazi ukuthi mangaki ama-albhamu awakhiphile kodwa kukhona konke uNkulunkulu umenzele umusa njengoba emgcinile wakwazi ukuphila ngomculo.
“Mina okungenze ngahlala isikhathi eside kulo mkhakha wukuziphatha kahle nokuthemba uNkulunkulu. Ngazitshela ukuthi kukhona izinto engingeke ngizenze ukuze impilo yami ibe yinde. Utshwala angibuphuzi, angibhemi futhi angikaze ngingalali ekhaya, ngiqonywe lonke izwe leli. Ngicabanga ukuthi lokho kungisizile njengomuntu enginguye manje. Nakubaculi bakamaskandi abasathuthuka ngithi nje abathembe uNkulunkulu bazimisele emsebenzini abawenzayo ngokwenzenjalo akukho okubi esiyokuzwa ngabo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi kuleli dili lomculo uzobe ehambisana nezingane zakhe ezizokhumbuza abantu ngesikhathi ziyiqembu elalaziwa ngamaPoni.
Elinye iqembu athe uzobe ehambisana nalo yiBoom Shaka, okukhona ingoma ayenza nalo.
“Ngalolo suku ngiyophinde ngethule i-albhamu yami entsha abazobe bekhona bazozwa isimanga sento. Uhlelo siyobe siluphathelwe wumsakazi woKhozi FM uTshatha,” kuchaza yena.
Amathikithi uthe aseyatholakala eWebticket, Pick n Pay naseBoxer ngoR200 noR800 iVIP.