NGIHLALE ngiwabukela kude amaloli ngiwathatha njengento okuwumsebenzi ukuyishayela futhi ofika ukhathele lapho uya khona.
Konke lokho kushintshile muva nje ngesikhathi ngimenywa ngabakwaVolvo Trucks emcimbini wokwethulwa kwamaloli abo amasha.
Empeleni lamaloli aseqalile ukutholakala futhi ukwethulwa kwawo kuqondane nokwethulwa kwesikhungo sabo esisha esiseRiverhorse Valley Business Estate, eThekwini.
Amaloli abethulwa yiVolvo FH, Volvo FH16, Volvo FM neVolvo FMX.
Ngesikhathi sekuthiwa asiphumele emnyango ze siwabonele eduze lamaloli, ngiqaphele ukuthi kumi abesifazane eduze kwabo. Bangabashayeli bawo belu amaloli abaqeqeshwa ngaphakathi kwaVolvo ngaphansi kohlelo i-Iron Women programme ngenhloso yokuthi bande abaqhoqhobala lezi zimoto ezinkulu emgwaqeni.
Esiqale kuyo yiVolvo FM 440. Ebengihamba naye uthe kulula ukuwashayela wabe esenginika ithuba lokuthi ngiliqhoqhobale. Nebala ngikubone kulula ngenxa yokuthi ugearbox ungumshini ozishintshayo nesiteringi sithambile. Kodwa ngaphambi kokushayela yisihlalo esimnandi othi uma ubeka isinqa siphakame sizwe isisindo sakho ukuthi singakanani bese sizihlela sona.
Indlela esintofontofo ngayo ngathi wumbhede okhona ngaphakathi okuthi uma usemgwaqeni usufuna ukulala, ungene kuwo uphumule.
Konke lokhu kuyafana nakwiFH.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa lamalali anezinto eziningi ngaphakathi nezokuphepha ongafunga ukuthi yimoto encane.
Phakathi kwezinto anazo kubalwa idigital instrument display engu-12 inch, esinye iscreen esingu-9 inch se-infotainment system lapho ubona khona inkombandlela, isimo somgwaqo namakhamera agcwele umzimba wonke. Ukwazi ukuxhuma neselula nge-Android Auto.
Ukwandisa ukuphepha konke okubona kulesi screen ukulawula ngamabhathini asesiteringini, ngephimbo okanye ngokuthinta sona iscreen.
Kwezokuphepha zihlanganisa amalambu angamaLED adimayo ngasohlangothini lwemoto ophambana nayo ukuze umshayeli angaxhopheki, iyazihambela nge-Adaptive Cruise Control, ineDownhill control eyenza ukuthi ihambe ngesivinini esifanayo uma isendaweni eyehlelayo, ine-Electronically controlled Brake System (EBS) ehambisana neForward Collision Warning ne-Ermegency Brake ne-Electronic Stability Control, ineLane Keeping Assistant neStabily Assist.
Afika neVolvo Connect eyenza ukuthi umnikazi akwazi ukubona kwiselula indlela umshayeli ahamba ngayo, ukuthi iloli likuphi, udizili ophakathi ukubekisa usuku lwesevisi nokunye.
Intengo ikoR2 million kodwa kuya ngenhlobo yakho.