UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk uNomusa Dube-Ncube uthi uzogqugquzela ozakwabo kuhulumeni ukuthi basebenzise izimoto zakwaToyota.
UNkk Dube-Ncube uthe uyazazi izimoto zenkampani ngoba ubehambe ngazo iminyaka nangesikhathi eyiMeya yeTheku (North Central Local Council ngaphambi kokuthi kwakhiwe uMasipala weTheku).
Ukusho lokhu ngoLwesibili ngesikhathi kuvulwa ifemu yakwaToyota South Africa Motors (Tsam) eProspecton, eThekwini.
Ifemu yavalwa ngemva kokucekelwa phansi yizikhukhula zango-Ephreli 12.
Isikhulu sakwaTsam, u-Andrew Kirby, sithe into eyadala umonakalo wukudedelwa kwamanzi edamini iShongweni, ehla ngomfula uMlazi angenela nasefemini yabo.
UNkk Dube-Ncube uthe idamu lakhiwa ngendlela yokuthi lizivule lona uma ligcwala amanzi kodwa bazozama ukuthola izindlela zokuthi kugwemeke lokhu ukuze izigameko ezifana nalezi zingabe zisenzenka. Kuvele ukuthi ngaphezu kwemishini eyalimala, zilinganiselwa ku-4 000 nezimoto ezathinteka nokwadingeka ukuthi zicekelwe phansi.
Izinto seziqala ukubuyela esimeni efemeni yakwaToyota eProspecton, eThekwini, ngemuva kwezikhukhula ezacekela phansi impahla ngo-Ephreli 12. Le femu ikhiqiza izimoto okubalwa kuzo iCorolla Cross, Hilux, Fortuner nezinye. 🎥 @FaneleBengu pic.twitter.com/lN7jB6bnk1
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) August 16, 2022
Le femu yakha izimoto okubalwa kuzo iCorolla Cross, Hilux, Hiace Ses’fikile neFortuner. Ukwakhiwa kweCorolla Cross kulindeleke ukuthi kuqale ngo-Agasti 17.
UKirby ubuye waqinisekisa ukuthi ifemu ayisoze yathutha lapho isebenzela khona. Ngesikhathi abezindaba besefemini bakhonjiswe nezinhlelo zokugwema ukuthi imishini ingalimali uma kwenzeka kungena imvula njengoba eminye isiphakanyisiwe, ayangabekwa phansi.