ABANYE abazi ukuthi kule minyaka engu-211, yabakhona iPeugeot, ike yadayisa amaveni.
Empeleni, amanye awo ake akhiwa eNingizimu Afrika, nakwamanye amazwe ase-Afrika. Amanye amaveni eyayiwadayisa yiPeugeot 403, 404 ne-504.
Isibuyile ngeLandtrek kwazise umhlabathi uvundile njengoba abantu bakuleli bezifela ngawo. Kumanje iLandtrek ifika iyiDouble Cab ehlukene ngezinhlobo ezimbili – i-Allure 4x2 ne-4Action 4x4. Isingle cab ikhona kodwa izoqala ukudayisa ngonyaka ozayo.
Ngaphandle iyabukeka futhi igqamile kwazise inemibala ekhangayo futhi inkulu. Abanye bayifanisa nezinye izinhlobo ezikhona emakethe kodwa empeleni yakhiwe ngokubambisana nenkampani yaseChina iChangan Automobile. Nayo lena edayiswa lapha, ilandwa khona eChina.
Zombili izinhlobo zifika namalambu aneLED, amafog light, amaroof bar, style bar nechrome emawindini nasezicabheni. I-Allure inamarimu awu-17 inch kuthi i-4Action ibe nawu-18 inch.
Igabade ilishiye ngo-235mm kanti idonsa isisindo esiwu-3 000kg kanti inesikhenke esivulekile esinelambu lokukhanyisa futhi sinekhava. Ngaphakathi ivulekile futhi icishe ifane nemoto encane yize uma uthinta idashboard uyabona ukuthi yakhiwa ngoplastiki othe ukuqina, qina. Inetouchscreen infotainment system engu-10 inch ekuvezela ingaphandle ngamakhamera futhi ukwazi nokuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, dual zone auto climate control. Inesiteringi okwazi ukusisondeza, usinyuse noma usehlise, izihlalo zangemuva ziyagoqeka nokunye. I-4Action inezihlalo zesikhumba.
Ziningi izinto zokuphepha ongazisebenzisa njenge-emergency brake assist, traction control, hillstart assist, cruise control, tyre pressure monitor, ABS nokunye.
Yidumise (ngebhathini), uzowuzwa umsindo wenjini kadizili engu-1.9 turbo. Noma isuka unomsinjwana kodwa emgwaqweni ovulekile uyehla umsindo wangaphandle nomoya kuba kuncane ngaphakathi. Inamandla angu-110kW netorque engu-350Nm negearbox ewu-6 speed ezishintshayo. Ibuye ibe yivila ukuhamba kodwa emgwaqweni ovulekile ihamba kahle kodwa kudinga ukale kahle isikhala noma ufuna ukudlula enye imoto ngoba amandla iwathumela kancane.
I-4x4 inazo zonke izimfanelo ze-4x4 njengodiff lock, low range nohigh range.
Intengo:
Allure – R579 900
4Action – R669 900
Zombili zifika newarranty yeminyaka emihlanu noma u100 000km neservice plan yesikhathi nebanga elifanayo.