IFORD Motor Company neVolkswagen AG basayine isivumelwano sokusebenzisana ekukhiqizeni izimoto ngokuhlanganyela.
Ngokwesivumelwano, iFord izokhiqiza iVolkswagen Amarok ngo-2022. Lokhu kusho ukuthi ezinye zezinsimbi ze-Amarok zizofana nezeFord Ranger eyakhiwa efemini yakwaFord ePitoli.
USihlalo webhodi lakwaVolkswagen Commercial Vehicles uThomas Sedran uthe yize lamaveni azobe akhiwa endaweni eyodwa futhi kusetshenziswa izinto ezizodwa kodwa ngeke ifane ncamashi neRanger bese ifakwa igama le-Amarok nje.
Ukube bekungekho lokhu kubambisana, iVW ibingeke ikwazi ukukhiqiza i-Amarok entsha.
Lezi zinkampani zizobambisana futhi ekwakheni iCaddy ngonyaka ozayo ezikhiqizwa yiVolkswagen Commercial Vehicle bese kulandela eyakwaFord imoto iTransit Connect.