INKINGA yesifo sesibindi esinamafutha ilokhu ibakhathaze njalo abezempilo njengoba lesi sifo siqhubeka nokuhaqa izigidigidi zabantu emhlabeni jikelele.
Ucwaningo lwabezempilo luveze ukuthi njengoba emhlabeni kunabantu ababalelwa ku-8 billion, u-25% wabo unenkinga yalesi sifo. Lokhu kusho ukuthi babalelwa ku-2 billion abanalesi sifo phecelezi esibizwa ngokuthi yi-fatty liver disease, esenzeka uma amafutha akheleka esibindini somuntu aze adale umonakalo kusona.
Isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele, i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe into eyinkinga enkulu ngalesi sifo wukuthi sivame ukungena kumuntu ngendlela enganakekile.
“Inkinga ngalesi sifo wukuthi sivame ukuzikholisa kumuntu zingabonakalanga izimpawu zaso, ikakhulu uma sisaqala okwenza kube lula ukuthi singanakeki. Yingakho kusemqoka ukuthi usheshe uzibone izimpawu zaso kusenesikhathi ukusiza ukukwazi ukuselapha ngokushesha singakajuli,” usho kanje.
Iyini yona i-Fatty Liver Disease?
– Yisifo senzeka uma amafutha akheleka emzimbeni aze akhande izinhlayiya esibindini somuntu. Sihlukene kabili lesi sifo. Kukhona i-Non-Alcoholic Fatty Liver Disease eyenzeka ebantwini abaphuza kancane utshwala nabangaphuzi. Sona sivame ukweyamana nokukhuluphala ngokweqile, i-cholesterol eningi egazini nesigaba sesibili sesifo sikashukela.
Eyesibili yi-Alcoholic Fatty Liver Disease, yona enakashela kakhulu abantu abanenkinga yokuphuza ngokweqile okugcina kulimaza isibindi sabo ngokuhamba kwesikhathi. Zombili lezi zinhlobo zalesi sifo ziyingozi ngokuthi zingenza isibindi singabe sisasebenza nhlobo.
Kubaluleke ngani ukusheshe ubone izimpawu zalesi sifo?
– Kusiza ngokuthi kungenza kube lula ukugwema umonakalo omkhulu ongadaleka esibindini. Ukusheshe uthole ngalesi sifo, ushintshe indlela ophila ngayo njengokuthi uqale udle ukudla okunempilo, uzivocavoce bese uhlolela isifo sikashukela kungasiza kakhulu ukugwema umonakalo wokuhaqwa yisona.
Nazi ezinye zezimpawu okungafanele uzishaye indiva:
1. Ukukhathala nokungabi namdlandla:
– Olunye uphawu oluvamile lwalesi sifo wukukhathala. Uma isibindi singasebenzi kahle, umzimba uphoqeka ukusebenza kakhudlwana kunokufanele okungenza uhlale ukhathele futhi ungabi namdlandla wokwenza lutho.
2. Wukungakhululeki esiswini
– Isibindi singasohlangothini lwesokudla ngaphakathi esiswini ngakho uma sikhukhumala ngaphakathi ngenxa yamafutha singenza ukuthi ungakhululeki esiswini, kube nobuhlungu obungabekezeleleki.
3. Ukwehla emzimbeni nokungabi namdlandla wokudla
– Nakuba lesi sifo sivame ukweyamaniswa nokuzimuka emzimbeni kodwa abanye abantu esibaphathayo bangaba nenkinga yokwehla emzimbeni noma bangabi nomdlandla wokudla uma sisabaqala. Ngakho uma uzibona wehla emzimbeni ngendlela engaqondakali noma ungenamdlandla wokudla, thola usizo lwabezempilo.
4. Ushintsho esikhunjeni nasemehlweni
– Nakuba kungavamile kodwa uma usucathanyelwa yilesi sifo ungaba nenkinga ye-jaundice, isimo lapho isikhumba namehlo kwakho kushintsha umbala kube namabala athi awabe phuzi ongaqondakali.
Yini ongayenza ukugwema ukuhaqwa yilesi sifo?
– Yidla ukudla okunempilo, uhlale uzivocavoca, wehlise ophuzweni olunamandla bese uhlale uvakashela kwabezempilo ukubheka ukuthi konke kusahamba kahle yini emzimbeni wakho.
“Lesi sifo sivame ukunganakeki kwabaningi uma sisaqala kodwa ukunakisisa lezo zimpawu ezincane kusenesikhathi kungenza umehluko omkhulu,” kucebisa uHewlett.