NGESIKHATHI kwanda imikhankaso yokunakekelwa kwabesifazane futhi bekhuthazwa ukuthi babhoboke ngezimo ababhekene nazo kepha iyaqonga ingcindezi kwabaphumela obala.
Muva nje, ubhekene nokwenziwa inhlekisa, nokuchashwa ngenhlamba u-Amanda Du Pont, selokhu kuvele izindaba zokuthi umethuli wezinhlelo uJub Jub, uboshiwe ngezinsolo ezenziwa nguDu Pont. Usolwa ngokuthi uqamba amanga ngoJub Jub.
Lokhu kwenzeka emakhasini akhe ezokuxhumana ikakhulu kwiFacebook. Abantu bamsola ngokuba namanga kanti wake waphumela obala echaza ngezinsolo zokuhlukunyezwa nguJub Jub, eminyakeni edlule.
"Wena nalo owaqambela inhlalisuthu amanga liyeza elenu ilanga," kusho Indlovukazi Mahlase.
"Siyakubona ungumngani noLady Zamar manje," kusho uJay Stifler.
"Bengikuthanda kodwa manje sesiyizitha," kusho uThatego Malatji.
"Ngiyabona usuqale ukuba umngani noLady Zamar," kusho uPuso Molefe Kgosiemang.
Kwenzeka lokhu ku-Amanda, akukapheli ngisho inyanga umculi onguLady Zamar ephumele obala ngokuhlukumezeka kwakhe ngemva kokudalula izinsolo zokudlwengulwa ayezibhekise komunye wozakwabo wesilisa.
Yize sekubalwa iminyaka azidalula izinsolo kodwa akakutholi ukuphumula ngoba uhlala ethukwa ngenhlamba. ULady Zamar, uzikhalele ngenyanga edlule wathi akazi ukuthi abantu bafunani kuyena nokuthi yini bacabange ukuthi wayeqamba amanga.
"Yini bakwethu ningizonda kangaka, anilwazi nodaba oluphelele futhi anazi kungani ngikhetha ukuthula isikhathi eside kangaka. Anazi ukuthi nimthikameza kanganani umuntu. Uma ngizama ukunitshela iqiniso anifune kuzwa, uma ngizama ukuqhubeka nempilo niyangilwisa," kubalisa uLady Zamar.
UDj Hlo, uke wabhekana nenzondo engapheli ngemva kokudla umhlanganiso ngengoma eyahlukanisa unyaka emsakazweni uKhozi FM. Lokhu kukapakele kwabanye oDj besifazane uma bekhiphe izingoma kuthiwe abagadwe bengahlukanisi unyaka kungazelele muntu. UDj Hlo namanje uhlala echaza ngokuthi wayekhankasa nokwamenza wahamba phambili ngamavoti yize ingoma yayisanda kwaziwa.
Izelamani zabaculi uKelly Khumalo, noZandie Khumalo Gumede, zike zathola amathonsi abanzi ngemva kokubulawa kuknozinti wakuleli uSenzo Meyiwa ngo-2014. UZandie obengomunye wofakazi ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa, kulezi zinsuku ugconwa ngokuthi uzobhadla ejele.
Umlingisi nomethuli wezinhlelo zethelevishini uPearl Thusi, uhlale egxekwa ngezinto ezingathi shu ! Ukudalula ubizo lwakhe kuka-Ayanda Ncwane, kumphendule ihlaya ngezintshumayelo zakhe kanti wagxekwa nangezinto ezithinta ingane yomyeni wakhe owashona, kwezinye zeziqephu zeThe Real Housewives of Durban.
Owe-Speak Out, inhlangano ekhuthaza abesifazane ukuba baphumela obala uma behlukunyezwa ngokocansi uNkk Lilian Jaftha, uthe okubi wukuthi ukuhlukunyezwa kosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana kwenza abanye abantu besifazane bagcine bezivalele emakhoneni besaba ukuvuleleka uma behlukunyeziwe.
“Sinxusa abantu ukuthi bangayenzi umdlalo into yokuhlukumezeka kwabesifazane. Izinkundla zokuxhumana ziyingxenye yempilo yethu, akumele sizisebenzise ukuhlukumeza abantu. Kuzona lezi zinkundla siyakwazi ukuqhuba imikhankaso esiza abesifazane obekungaba nzima ukufinyelela kubona. Ngibuye ngidinwe ngabesifazane uqobo abahamba phambili kulo mkhuba omubi. Ngiyabakhuza... okwenzeka komunye wesifazane kungenzeka nakuwena ngelinye ilanga,” kukhuza uNkk Jaftha.