INQWABA yabafundi abenza umatric, abaphuma emindenini ecebile, baqeda ukhwantalala ngokubhema ugwayi osebenzisa ugesi obukeka njengepeni, ama-e-cigarette, owaziwa nge-vaping.
Lokhu kuvezwe yimiphumela yesikhashana yocwaningo olwenziwe yi-University of Cape Town (UCT) muva nje.
Ungoti wezifo ezithinta amaphaphu esibhedlela iGroote Schuur, uSolwazi Richard van Zyl-Smit, uveza ukuthi akubona kuphela abafundi abenza umatric abangene kulo mkhuba kodwa udlangile kubantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-19.
Ucwaningo luveza ukuthi lo umkhuba wande kakhulu ezikoleni zamabanga aphezulu okufunda kuzo abafundi abaphuma emindenini ecebile.
Lolu cwaningo, olwenziwe ngemuva kokuthi bekulokhu kunezikhawu zokubanjwa kwabafundi bephethe ama-e-cigarette ezikoleni, lushicilelwe kwi-website yenyuvesi ngaphansi kwesihloko, iLung Institute.
USolwazi van Zyl-Smit kulo mbiko uveze ukuthi umfundi oyedwa kwabane (25%), abafunda ezikoleni okufunda kuzo abafundi abaphuma emindenini enemali, usebenzisa umkhiqizo obhenywa kusetshenziswa ama-e-cigarette ojwayele ukuthi ube namaphunga anuka kahle.
"Lolu hlobo lukagwayi luyakhangiswa nakuba lungakhangiselwa abantu abasebancane futhi abasezikoleni kodwa ezinye izikhangiso zisuke ziqondiswe kubantu abasha. Abafundi bathathwa yindlela le mikhiqizo echazwa ngayo kanti nokuyithenga kulula, ayikho imigomo elawula ukudayiswa kwayo. Uyazikhethela, uyakwazi ukuyithenga ezitolo eziyidayisayo noma online," kusho uvan Zyl-Smit.
Uqhube wathi ukusetshenziswa kwalolu hlobo lukagwayi kuyinto evamile emiphakathini ngoba kunenkolelo yokuthi ungcono kunalona ojwayelekile. Uthe abafundi abasebenzisa lo gwayi bathi bawubhemela ukuthi behlise ingcindezi nokhwantalala abanalo njengoba befunda umatric kodwa iqiniso ukuthi nabangafundi umatric bayawubhema.
“Iningi labafundi selinezimpawu zokuthi ngeke lisakwazi ukuphila ngaphandle kwawo. Ezinye izithako ezifakwa kulokhu okusapayipi okukhipha intuthu zine-nicotine eyenza ukuthi umuntu ahlale efuna ukubhema njalo. Imboni yalo gwayi kumele ilawulwe ukuze kuvikelwe ukuthi abafundi bazithole bengasakwazi ukuphila ngaphandle kwawo. Njengamanje awukho umgomo olawula lo gwayi, abadayisi nabakhiqizi bazenzela ngendlela abayithandayo," kusho yena.
USolwazi van Zyl-Smit uthe ivaping kunzima ukuphuma kuyo uma usuke wayiqala.
Uthe lolu cwaningo lusazoqhutshwa, okwamanje yena nethimba lakhe bebefuna ukuluqala, olunye lwabantu abaningi lusazokwenziwa.
Unxuse uhulumeni ukuthi uma aqhamuke nemithetho elawula ukutholakala kwama-e-cigarette.