ANETHONYA nothando olungefaniswe amadoda aqola abesifazane imali ngokubakhohlisa ngothando.
Lokhu kushiwo ngusomabhizinisi wesifazane waseThekwini (35) oqolwe ngowesilisa abethandana naye futhi abecabanga ukuthi ungumfundisi, owamlobola emuva kwezinyanga ezimbalwa emqomile.
Owesifazane ocele ukuthi angadalulwa, uthe uthando ayelunikwa owesilisa akakaze alunikezwe ngomunye wesilisa. Zonke izinsuku ubengibilela athumele izimbali. Ubengadinwa noma emthethisa uma bexabana.
"Ngicabanga ukuthi amadoda asebenzisa nemithi ukuze uma uthandana nawo ungacabangi ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona okushaya amanzi. Ngalotsholwa ngemuva kwezinyanga ezimbalwa sithandana, wafike wazishaya zonke ekhaya, wembesa wangikhehla. Ngangijabula ngifaka izithombe ezinkundleni zezokuxhumana. Ngatshelwa abantu ukuthi lowo muntu uselobole inqwaba yabesifazane abanamabhizinisi, agcina ebaqole imali yabo. Ngaleso sikhathi ngase ngimnike imali engaphezulu kuka-R1 million. Unendlela enza ngayo yokuthi akuthambise, umnike kahle imali nezinto zakho," echaza.
Uqhube wathi ngosuku alotsholwa ngalo kunomunye wesifazane naye owalotsholwa ngalo lolo suku.
"Sesisonke esilotsholwe nyakenye singu-22. Sonke singosomabhizinisi abamnika imali, abanye izimoto, imizi nezinye izinto ezibizayo. Konke lokhu ubekudayisa. Unkosikazi wakhe uyazi ngokuqolwa kwabantu besifazane. Kubona kuyibhizinisi, batshala imali ngokuthi indoda ikuhehe ngokukwenzela izinto ezithile, bese udedela imali eningi okuyiyona abasuke beyifuna," kuchaza lo somabhizinisi.
Ngeledlule uNgqongqoshe woMnyango woMnyango wabesiFazane, iziNgane, abaKhubazekile neNtsha, uNkk Sindisiwe Chikunga, uthe kunomkhuba osudlangile wamadoda aphume umkhankaso aqola abantu besifazane engena ngokuthi ayabathanda.
Omunye wesifazane ocele ukuthi angadalulwa waKwaMashu, uthe waqolwa yindoda yaseGhana, ahlangana nayo ethenga eGateway.
“ Ngathatheka nje esangiphathisa izimpahla zami. Konke kwashesha ngalelo langa, sanikezana izinamba ngamxoxela ngezinkinga enginazo. Wangitshela ngesonto elingangisiza. Esontweni wangixhumanisa nosisi ohlolayo. Kusukela lapho izinto zajika indaba yagcina ngokuthi ngisule emsebenzini. Ngicabanga ukuthi unabantu asebenza nabo ophikweni lwempesheni lukahulumeni. Kwashesha konke yaphuma imali. Ngamnika yona ukuze siqale ibhizinisi. Ngasala noR300 emalini engaphezu kukaR400 000 eyaphuma. Wanyamalala ngalelo langa engamnika ngalo imali. Umuzi obizayo ayehlala kuwo eReservoir Hills, ngezwa sengomfuna ukuthi bekungewona owakhe ubeqashile,” echaza.
UNkk Keutumetse Mashego, oyiClinical Pychologist, uthe amadoda ayabacubungula abesifazane asuke esebabonile ukuthi azozuza ngabo.
"Ayacubungula ukuthi owesifazane yini anesikhala sayo yize ecebile, okungaba uthando, umshado, ufuna ukuphathiswa okweqanda noma akanamndeni osondele kuye ngoba esenothile. La madoda angena ngalelo nxeba, owesifazane azibone ethandwa, ayivulele isifuba ngemali anayo. Okubi ngalokhu ukuthi noma abesifazane bazi ngamadoda angamaqola kodwa wonke azitshela ukuthi ngeke kwenzeke kubo,“ kusho uNkk Mashego.
Ongoti bathi abesifazane kumele bangabi yizimpumputhe baphuphuthekiswe wuthando. Kumele babhekisise kuyima bezinikela emadodeni ikakhulu lawo asuke ebaphatha ntofontofo zisuka nje.