IMOTO: ISUZU D-MAX SINGLE CAB
EZINYANGENI ezedlule ngike ngazithola ngifuna ukuthutha umbhede kodwa ngenxa yokwentula imoto yokuwulayisha, izinhlelo zami zabhuntsha kanjalo.
Ngize ngakhumbula umbhalo engiye ngiwubone ezinkundleni zokuxhumana othi "indoda kumele ibe neveni".
Kuthe ezinsukwini uma kwa-Isuzu benginikeza ithuba lokuvivinya iD-Max Single Cab, ngakhumbula ukuthi kunempahla okumele ngiyithuthe.
Vele phela i-single cab yiveni lokuthutha impahla ngoba ilayisha abagibeli ababili kuphela bese kuthi ngemuva ibe nesikhenke esikhulu.
Wubukhulu baso isikhenke engibuthandile. Ubude besikhenke bungu-2 330mm, ububanzi bungu-1 590mm kuthi ukushona phansi kube ngu-465mm.
Ngikutshela ukuthi umbhede oyi-king size ungene khaxa kwaba yinto elula ukuwuthwala. Kunezinsimbi ezinhlangothini zokubopha izintambo ukuze umthwalo unganyakazi. Engingakuthandi wukuthi isivalo siyasinda ngeke usifanise nakwamanye amaveni njengeFord Ranger esilula.
Engikuthandayo wukuthi ngemuva ulayisha ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba ukuthi izoklwebheka ngoba inerabha evikela isikhenke.
Ngisho ilayishile ishushuluza kamnandi emgwaqeni ngenxa yobukhulu benjini enamandla.
Injini ingu-3 litre turbodiesel enamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm. Isebenza kahle no-gearbox oyi-6 speed auto. U-gearbox ufaka kahle amagiya. Ukudlula ezinye izimoto bekungeyona into engishayisa ngovalo ngoba ibingenakho ukubambezeleka ngaphambi kokunyusa isivinini.
Ngiwazwile futhi amandla ukuthi uma ufake i-towbar, ngeke itabalase ngokudonsa inqola. Empeleni kwa-Isuzu bathi ikwazi ukudonsa inqola enesisindo esingu-3 500kg.
Okumnandi ngayo wukuthi iyi-4x4 okusho ukuthi ihamba noma yikuphi indawo njengoba ine-diff lock namagiya asobhuqwini.
Injalo nje negabadi ilishiye ngo-227mm.
Kudizili ibidla amalitha angu-8.7 ngo-100km ethangini elingu-76 litres.
Ngike ngathi ngipaka egaraji ngabona enye insizwa ebihamba ngembangi yayo, iToyota Hilux single cab, ingubuka.
Bengingeke ngiyisole ngoba akulona neze iveni elibi.
Ngaphambili linama-fog light ngezansi nama-headlight amakhulu azungezwe ngamaDaytime running light kuthi eceleni iba namarimu angu-17 inch emasondweni.
Ubude bayo bungu-5 325mm nokuyinto engenze ngahalela ukuthi ukube inama-sensor bekuzoba lula ukuyipaka.
Ngaphakathi umgibeli nomshayeli bahlala esihlalweni esiyindwangu. Njengoba ilanga selishisa kanjena nje, indawo yokubeka iziphuzo yinto ongayisweli ngaphakathi.
Kodwa okuhle ngayo wukuthi ine-touchscreen infotainment system engu-7 inch ongagcini kuphela ngokudlala umsakazo kodwa uxhuma neselula nge-Apple CarPlay/Android auto.
Kunembobo eyodwa yokushaja ngeselula nge-USB, inamawindi kagesi, namabhathini e-cruise control nokulawula umsakazo esiteringini.
Ngaphandle kokwentula ama-sensor okupaka, ezinye izinsiza zomshayeli nezokuphepha ziningi. Kubalwa ukuthi ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo, Anti-lock braking system, ama-airbag nokunye.
Intengo:
Isuzu D-Max Single Cab 3.0 Ddi LS 4x4 A/T – R665 400
Ifika ne-warranty neRoadside Assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km, Anti-Corrosion Warranty yeminyaka emihlanu ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.