UCWANINGO olunzulu lukhombise ukuthi ukuyeka ukudla ushukela kwandisa izinsuku zokuphila, izifo ezikuphethe ziyancipha uphinde uvikeleke nasemibulalazweni yezifo ezikhona eziningi.
Lapha ngisakhuluma ngendima eklamekayo ngokuyeka ushukela nazo zonke izidlo neziphuzo ezinoshukela. Ngiyaphinda ngithi lapha sisakhuluma ngoshukela lona esiwufaka etiyeni akukhathaleki umbala ungaba mhlophe okanye ube nsundu, ngisho uju okusalayo lunoshukela.
Lesi sitatimende esingenhla sifukamele okuningi, ungaze uthole usuzibuza imibuzo efana nokuthi ngabe ushukela uyinciphisa kanjani iminyaka yokuphila?
Ushukela umnandi futhi wonke umuntu uyawusebenzisa, kwenzeka kanjani kungakhulunywa ngobungozi obungaka sonke lesi sikhathi?
Ngihlale ngibuza ukuthi yini eyenza umuntu osekutholakale ukuthi usinyaka wakhe uyehluleka ukulawula ushukela ngakho akaqale amaphilisi nemijovo okanye amaphilisi wodwa; kodwa aqhubeke adle ushukela, aphuze ojusi, iziphuzo ezihlohlozayo kanjani?
Umbuzo usekutheni uzimbelelani umgodi ubuka, uwufunelani umdlavuza uzihlalele?
Bakwethu asihlukane noshukela kuphela nje, ushukela ungushevu, uyabulala!Ake ngenze lesi sitatimende esiyiqiniso: ushukela uyimbangela yezifo cishe zonke ezihlukumeza imizimba yethu, kungaba yilezi eziyisimbelambela okanye ezinye.
Siyabona yini ukuthi uma sonke singakhuthaza ukuyeka ushukela zingashabalala cishe zonke izifo, isidingo samaphilisi, imithi nemijovo siphele?
Ngizwa sengathi angiyishongo kahle: Uma sivumelana ukuthi ushukela ngungqoshishilizi wesikhondlakhondla ekubangeni izifo ngononina bazo, uma-ke sonke singalwa impi eyodwa yokukhuthaza wonke umuntu ukuyeka ukudla ushukela, ukwelapha kungaba lula kakhulu.
Ngiqinisekisile ukuthi le nqwaba engaka yodokotela okuthiwa bawongoti ingancipha kakhulu ngoba wonke umuntu ingabe ebuka into eyodwa ushukela njengembangela yezifo. Wonke umfundi wezempilo afundiswe ngokugwema izifo, wonke umuntu kugcizelelwe kuye ukubaluleka kokuhlala ephila evikelekile ezifweni.
Ngikusho lokhu ngazi kahle okwamanje ukuthi lokho kuseyiphupho, ngoba bonke odokotela babuka indima yabo njengebaluleke kunazo zonke ezinye, le nto yenziwa ngabomu ukuze ukwelapha kube sengathi yinto enzima - isiguli siphume la singene lapha, ekugcineni selapha into eyodwa ebangwa ukudla okukodwa: ushukela.
Abazi ngohlu lwezinto ezifundwa ngodokotela, bayazi ukuthi ukufundiswa ngokudla yinto engenzeki, ngisho ihora elilodwa nje yonke le minyaka sisesikoleni. (Abafunde manje angazi mhlawumbe sekwashintsha). Angazi ukuthi mhlawumbe kubahlengikazi bayafundiswa yini?
Zibuze ukuthi iyini imbangela yokuqeqesha udokotela iminyaka engaka kodwa into ebaluleke njengezokudla ingathintwa nokuthintwa? Impendulo ithi: konke lokhu kungamabomu ukuze kuhlukwahlukwane ingalandelwa into eyiyona yona, yilowo nayilowo azizwe emkhulu ukubadlula bonke.
Ekugcineni ushukela usala estikini ungaphazanyiswe yilutho – izinkampani ezinkulu zijabula zinconcoze, njengokujwayelekile isiguli sisala sincinda izithupha, izifo zisidle singabi namkhulumeli, noyedwa nje.
Lokhu kusibeka ekutheni wonke umuntu akazilwele ngoba uhulumeni ngisho angazwela kangakanani kodwa ngeke akwazi ukuphakamisa nendololwane, ukinatelwe ngamaketango.
Kukangaki sitshelwa kuthiwe ukuphazamiseka komqondo okunhlobonhlobo akwazeki ukuthi kuqhamuka futhi kubangwa yini?
Ngikhuluma ngengcindezi esezinganeni zesikole, amaciko uzwe kuthiwa usibanibani usezibulele, abebethandana omunye usedubule omunye waqede wenza lokhuya. Ngike ngazibuza ngithi yini engabangela umfundi wanamuhla azibulale, thina imiphumela ka-matric kwakufakwa konke emaphephandabeni ngaphandle kwekhanda lomfundi; kodwa angikhumbuli ngizwa kuthiwa kukhona ozibulele?
Namhlanje izingane zethu ziyazibulala, bese kukhalwa ngokuningi ngapha nangapha njengembangela kodwa angikaze ngizwe kukhulunywa ngengozi yokudla okanye ngalo shevu owushukela.
Ushukela uyalubanga ukhwantalala. Bakwethu, ngisho kanje ngoba ngizama ukuveza ukuthi singabazali ake sikhiphe ushukela ezinganeni zethu, izingane aziyeke ukudla kwasezitolo zokudla okusheshayo, amaciko akahlukane noshukela, ukudla okusheshayo okungaphekwanga ngendlela enempilo.
Wonke umuntu akahlukane noshukela uma sifisa ukuphila isikhathi eside nesengeziwe emhlabeni, singakhohlwa ukwengeza ngokudla imifino nezithelo zibe nhlanu okungenani ngokwehlukana kwazo njalo ngosuku.
Mpilonde!!