KULEZI zinsuku cishe zonke izitayela zasekhanda zigabe nge-gel njengoba kungenise izitayela ezintsha ezibhanselwa ngokubacaza izinwele. Lezi zitayela yize ezinye zazo zingezintsha njengebaca kodwa okusha wukuthi noma ngabe uluke amasingili wuselukwa nge-gel. Ongoti bemikhiqizo yasekhanda esineminyaka ikhona, iPerfect Choice sebeqhamuke nezinhlobo ezintathu ezintsha ze-gel ezibhekela izinhlobo ezingafani zezinwele. La ma-gel kubalwa kuwo iBlack Charcoal Gel, Sculpting Gel Wax kanjalo neFreezing Gel.
Injibs, izinwele ezinhlakanhlaka, eziphephezelayo neziqinile ayizibheki njengoba yakhiwe ngezithako ezikwazi ukulekelela ukulwa nezinkinga ezinweleni zomuntu. Isifundazwe iKwaZulu-Natal sibe ngesokuqala ukwethula le mkhiqizo eWorkshop eThekwini ngempelasonto. Khona emcimbini kubonakale nabanye bosaziwayo okubalwa uSthandwa Nzuza, DJ Tira, Fezeka noMfana kagogo, DJ Mollecue, Pabi Cooper, Elevatorz noNiseni, DJ Vetkoek, DJ Mahoota namaQwabe Twins.
Imenenja yemikhiqizo yePerfect Choice uNkk Khensani Mashaba uthe babone kufanele ukuthi le mikhiqizo iqale ngokwethulwa esifundazweni iKwaZulu-Natal. "Siqoke ukuthi kube iKwaZulu-Natal ibe ngeyokuqala ngokuvunwa isimo sezulu nabantu. Kusithokozisile nokubona abantu bephuma ngobuningi babo bezokwethamela lo mcimbi, sidlulisa ukubonga kumakhasimende,"kusho uNkk Mashaba.
Ephetha uthe lolu chungechunge luzoqhubeka behamba bethula le mikhiqizo ngokuhlukana kwamadolobha. Isolezwe njengoba ligubha iminyaka ewu-20 lasungulwa liyaqhubeka nokubambisana nezinkampani ezahlukene ukujabulisa abafundi. Leli phephanda ngokubambisana nabePerfect Choice lizohlomulisa abafundi abahlanu ngama-hamper emikhiqizo ye-gel nokunye kwenani likaR150 umuntu ngamunye. Uma ufisa ukuhlomula ungathumela iSMS ethi Iso20, Perfect Choice ku-33258. Abahlabene bazothintwa maduze ngocingo. Kunxuswa abangenele ukuthi baqinisekise ukuthi bazokwazi ukuyilanda imiklomelo.