KUSENZIMA kubantu besifazane ukuthi bazithathele izinqumo ngokuphelele mayelana nezinto ezithinta ukuya ocansini, yize kunezinhlelo eziningi ezikhona ezibafundisa ngokubaluleka kokwenza lokhu, ukuze bavikeleke ezifeni.
UDkt Seithati Molefi weRight to Care, uthe ukwesaba kwabesifazane ukusebenzisa ilungelo labo lokuzikhethela, ukuthi bafuna ukusebenzisa ikhondomu noma qha, ukuhlela umndeni nokunye kunomthelela ekutheni abantu besifazane batheleleke ngesifo senguculazi nezinye izifo ezithathelanayo zocansi kakhulukazi abasebencane.
"Abesilisa kuseyibona abalawula abesifazane uma kukhulunywa ngezinto ezithinta ucansi. Abesifazane ikakhulukazi abasebancane bayehluleka ukukhuluma nophathina babo ngokuthi bafuna ukuthi kusetshenziswe ikhondomu kwesinye isikhathi behluleka nokuthi bazithathele isinqumo sokuthi bafuna ukuhlela umndeni okuphetha ngokuthi kube nezingane ezingahleliwe. Isizathu esijwayelekile kuba ngesokuthi abesifazane bancike kwabesilisa ngokwemali," kusho uDkt Molefi.
Uthe abesifazane banelungelo lokuthi bazikhethele ukuthi bafuna ukusebenzisa ikhondomu, ukusebenzisa amaphilisi avikela ukuthi bathole igciwane le-HIV iPre-exposure prophylaxis, i-PreP noma ukuhlela umndeni.
Usho lokhu-nje izinhlangano eziningi ziphume inqina ngokufundisa abesifazane ngezifo ezithinta bona ezinkundleni zezokuxhumana zenzela ukuthi kube lula ukuthi ulwazi lutholakale.
Njengoba kuyinyanga yabesifazane, ikhasi lodokotela nonesi abeluleka abesifazane ngezifo ezifana nomdlavuza webele, izifo zocansi, izifo ezithinta umgudu wenzalo nezinye, iKeready iluleka abesifazane ngezifo ezithinta bona kuphela ezinkundleni zezokuxhumana.
UNksz Asonele Kutu kwi-website yakhe iFemConnet kanye nezinkundla zezokuxhumana ululeka abantu abasha ngokuhlela umndeni njengoba enomtholampilo kuyo le nkundla yakhe.
Njengoba kuyinyanga yabantu besifazane, uDkt Molefi ukhuthaze abantu besifazane ukuthi bakhuthalele ukuhlola lezi zifo ezingezansi:
– Ukuzihlolela i-HIV, uma bethola ukuthi banayo baqale imishanguzo.
– Bakhuthalele ukungena ohlelweni lokuqala imishanguzo yokuvikela i-HIV, iPre-exposure prophylaxis, i-PreP.
– Ukuhlela umnndeni
– Ukugoma kakhulukazi ngomgomo ovikela umdlavuza i-HPV
– Ukuhlola ukuthi abanawo umdlavuza
– Ukuya emtholampilo uma bekhulelwe nangemuva kokubeletha
– Ukuzihlolela sifo sikashukela nesokwehla nokwenyuka komfutho wegazi