Kuloba uThulani Mbatha,
HHAWU kodwa Sontshikazi, usujubalele! Ujubalele ngesandla somdlavuza osuqede isizwe - ubugebengu! Bakuhlinza bukhoma ngane yakwethu singakwazeli utho thina esiphila nawe kwezosiba?
Sekuphele iviki golokoqo imiqondo iyaluza, ozakwethu ebuntathelini nabangani nabaholi abahlukene bekhuza isiga ngale ntibantiba. Yilapha ngiqala nokunkwankwaza, ngibabaze. Ukuhlwa kusikhungathile ngemuva kokudutshulwa komthwebuli weSolezwe uBongani Mbatha. Kimina yigazi lami ngoba sibizwa kunye eNhlazatshe. Ukubulawa kwakhe kusithithibalisile, aphelile amankemfu. Uzakwethu, umngani nesigijimi se-newsroom. Ubeyimvu yeNkosi!
Kusasa, ngoLwesihlanu lomhla ka-28 kujulayi, siyombeka endlini yokugcina uMthiya kodwa ngoba singabantu bobuhlungu benyama sisabindwa yisibibithwane ekwamukeleni ukuthi bese kuphele izinsuku uMdali amnika zona ezweni. Iyaphika inhliziyo yomuntu ukuthi nebala sesemukiwe le nsizwa - ngesesabekayo isankahlu lesi.
Bamngenela kubo kusihlwa ngoLwesibili olwedlule mhla ka-18 kwephezulu, bayomkopolota endlini egcekeni kwabo eHammarsdale lapho ebeyiso kunina ongasemuhle empilweni ngenxa yokuhamba kweminyaka, nomshana wakhe - bobabili abadinga ukunakekelwa ngaso sonke isikhathi.
Abasocongi kabananhloni. Bangena kulelo khaya laseMaMbatheni, uBongani abeyikho konke kulo, bamkhipha endlini. Kwala noma esebaleka bamqedela egcekeni phambi kwendlu kanina. Yehheni, ubedleni kabani?
Kanje pho? Sisabuza ngenxa yobunjalo bale nsizwa ebingephebeze ngisho impukane indizela ngasekhaleni layo.
Ubethula lokhu okwethusayo umfo kaMbatha, bese ekuthi thasi ngehlaya okuzothatha isikhathi ukuthi uletshise ngesizathu sokuthi usuke ungalindele. Uyothi uqambe ubanjwa yinsini, usewuhlabe inhlali futhi.
Kodwa kukho konke lokhu kuthula kukaMthiya wawungefunisele ngendawo umoya wakhe okuyo yize ubungemfunde kalula ebusweni bakhe.
Bekuba nezithuba lapho ngimchukuluza khona ngithi kodwa Ndabezitha akusaqhamuki nantombazane yaselokishini izokuqambela amanga nje? Lolu teku kwakuyindlela nje yokumvukuza owakithi ngicenta inyathuko eya ekuqaqeni imihlathi. "Kanti uyozwa ngami," wayeyinqamula kanje indaba ezomyengela ekulandeni kade.
Ngiyazi ubenabangani abexoxa nabo, kodwa ngokwendalo ubemfusha uma uzungeza eziqondene naye. Sengicoshile ukuthi nakubo uBongani ubeyinto efanayo. Nabo abangani basho ngazwi linye, nomakhelwane bakhe safica besho into eyodwa ngaye - ubezithulela.
Ugadlile kodwa uShandu kaNdaba, ugadle kwacaca ukuthi ingevu abenayo yilobu bunaphanapha bezithombe emaphephandabeni. Manje uma usubhekisisa imisebenzi ayishiye ngemuva usuyabona ukuthi, mameshane, kanti akathule ngoba ethule, ezakhe izindaba zixoxwa ngemisebenzi.
Ngithe nce ngithi pheqepheqe iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune, ngeSonto esisuka kulo, kwathi hlengehlenge izinyembezi kuvukuzeka kimi ukuthi kanti ngihefuza ilumbo ngokuthi uMthiya ubethula. Yithina basezweni longqeqe ebesibona ukuthula. Izindabandaba, nezinkulumo, ukunkondloza, isisoka, ubuciko, injula, uteku nezifengqo ebeziphuma kule nsizwa - konke kunanyekwe izwe lonke emaphephandabeni, izikhangiso nakuzo izizindalwebu zesimanje. Uyibekile induku ebandla.
Ukuba ubuzoziphendulela ngalo mthelezo wami ngawe namuhla, Mthiya, ngiyazi ubuyakungivimba ukuba ngingawushicileli. Nokho sekuwukwenelisa inhliziyo nokudambisa ilukuluku singozakwenu kuleli phephandaba eliyiso lesizwe - Isolezwe. Akusenani.
Babebholofida nokho nxashana bethi isitsha esihle kasidleli.... Hamba kahle Shandu kaNdaba, wena kaSontshikazi, Magwaz' aphindele njengezulu, Shandu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela, nasothini lomkhonto uhlala uthi cababa!