MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngivumele ngisike elijikayo ngodaba lwasePhala Phala. URamaphosa uphenduke umswane wembabala emaqenjini aphikisayo epolitiki ngenkathi owayengumphathi wezinhloli uMnuz Arthur Fraser emvulela icala, emsola ngokungabikeli amaphoyisa ngesigameko sokugqekeza sango 2020, lapho kuthiwa abaphangi bashaya bachitha nezishaqane zemali yamaDollar ase-USA.
Kusuka lapho ke ingcabha ilokhu imlandele njalo umengameli wezwe. Engikusola kakhulu amaqhinga awasebenzisayo njengoba egwema ukuphendula imibuzo ngalolu daba nokumbeka engcupheni kakhulu. Amaqembu aphikisayo azomlandela njalo ayoze amgojele kwazise noqhekeko olungaphakathi eqenjini elibusayo luyamcindezela nalo ngokwalo.
URamaphosa ngeke kumsize ngalutho ukuvika ngehawu lengulube kulolu daba. Isimo sepolitiki saseNingizimu Afrika siyibeka obala inkinga abhekene nayo umengameli. Izizathu azibekayo zokungaphenduli kwakhe ngendlela imibuzo ePhalamende kuyacaca nje ukuthi uzama ukucasha ngesithupha.
Okubuhlungu kunako konke wukuthi okwenzeka kuRamaphosa kuchaphazela ngisho iqembu lakhe i-ANC. I-ANC iyiqembu elisha nendlu muva nje ngokwezibalo zokhetho lokuchibiyela kusuka okhethweni lwango 2021. Ngicela ukukhipha lezi zibalo emaqenjini amakhulu amane eNingizimu Afrika. IFP-7.5%, EFF-5.4%, DA-5.2% kanti i-ANC - 4.4%.Lezi zibalo zikhombisa ngokusobala ukuthi I-ANC iyiqembu elisha nendlu uma uzolandela ipolitiki ngeqiniso ulubeke eceleni uthando.Nayo i-ANC njengeqembu kufanele ivule amehlo ikugweme ukuba yinqola emuka nomfula ngenxa yekhanda elizingenele lona emfuleni ugcwele udla izindwani.
Phondolwendlovu Mzolo
eMkhambathini KwaNyavu