MHLELI: Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ziyathanda ukumbuluza zishaye sengathi zizwelana nabakwamanye amazwe uma kukhona okubathinta ngqo kodwa ziwuhlaba inhlali uma kuqondene nezakhamuzi zezwe lethu.
Kuyaziwa ukuthi baningi abaphuma emazweni angaphandle abangena ngokungemthetho kuleli bazitapele kwingcebo embiwayo. OwakwaNtshavheni (uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni) ugxekwe ngokuthi athi abavaleleke ngaphansi emathunjini omhlaba (eStilfontein, eNorth West) abahilwe ngesisi esizobenza baphumele ngaphandle. Kube sengathi uzihlokozele iqulu lezinyosi esenyokovulwa ngabambuluzayo.
Okuxakayo ukuthi bawuhlaba inhlali uma kumele baphefumule ngezimo ezibhekana nezakhamuzi zezwe lethu ezihlala njalo zivezwa zihlwempu zidinga ukusizwa. Nakhu naseminyangweni kahulumeni ziyashoda izisebenzi, kukhalwa ngemali. Bheka nje uMnyango wezeMfundo, lapho kushoda ngothisha ekubeni ziningi izingane ezigogodile ebuthisheni sihlezi nazo emakhaya, kukhalwa ngokushoda kwemali.
Lo mkhuba sekuyiminyaka ngilindele izinhlangano ezifana nezamalungelo abantu, kodwa zigxumela phezulu uma kuthinta abakwamanye amazwe kodwa asizizwa zingenelela lapho kuthinteka thina esingumsinsi wokuzimilela.
Okuxakayo ukuthi iningi lalabo Zama Zama okukhulunywa ngabo baphuma emazweni angomakhelwane njengoba bengakhokhi ntela, kanti kuthiwa bacela ezinkulungwaneni ezinhlanu. Izophumaphi imali yokubatakula nokunakekela labo okuthiwa bazodinga ukuqale belashwe? Yona imali ezoholelwa bonke asebekhempe kule ndawo esibhekwe njengenhlekelele (Stilfontein), izothathwa kuphi?
Ziphelile izingane zibulawa ukudla okunobuthi okuthengwa ezipaza zabokufika. Zonke lezi zinhlaka ezibizwa ngama-NGO (izinhlangano ezingayenzi inzuzo) nalabo abathi bamele ukuvikelwa kwamalungelo abantu kabazange bangenelele.
Okuxakayo ukuthi seziphelile izingane zidla ukudla okunobuthi kodwa uMengameli Cyril Ramaphosa ubewuhlabe inhlali isikhathi eside njengoba eze wathembise ukungenelela ngoLwesihlanu. Kodwa-ke okwakhe asikwethuki ngoba wakwenza nangenyanga kaJulayi ngo-2021, abantu bezitapela ezitolo.
Kwaze kwangenelela uMntwana waKwaPhindangene, uMangosuthu Buthelezi, emcebisa ukuba ajube amasosha.
Sibabonile nabakhona endaweni abebesembizweni ebiholwa uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz uSenzo Mchunu, benza sengathi bazwelana nabo. Okusobala ukuthi bese bethole indlela yokugaya imali esheshayo njengoba kuthiwa bebebahlinzeka ngokudla njengoba osibhincamakhasana bethi isinkwa sibiza u-R200 ukuthengisela imigulukudu yezimayini.
Angikungabazi ukweseka kwami uNgqongqoshe Ntshavheni ngokuphawula kwakhe. Uyizwi lethu thina esingenazwi. Yimali yentela yethu lena ebhubhudlwa imiguvela. Sebekhohliwe zolo lokhu esifundazweni iGauteng, lapho kwabulawa abantu ethaveni, akwaba ndaba zalutho, okwavela ukuthi ababulali badabuka eLesotho, ongqeqe bamalungelo oluntu bawuhlaba inhlali.
Sengathi noMthethosisekelo wezwe lethu udinga ukubuyekezwa kube ngovikela thina siyizakhamuzi. Sekwanele, siphila ngaphansi kwejoka nesitilobho emqaleni.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE