MHLELI: Ngikhuza futhi ngibonisa omunye wosaziwayo eNingizimu Afrika.
Kunesiqophazwi esigijima ezinkundleni zokuxhumana lapho kukhuluma khona uNgizwe Mchunu ngendawo yaseMnambithi enza ihlaya ngezinto ezihlekisayo nezingahlekisi. Mhlawumbe mfo kaMchunu kuyokusiza ukuthi ubheke into osuke uhlekisa ngayo ukuthi abekho yini abantu abasala bekhala.
Angiphiki ungahlekisa ngedayimane laseMnambithi, vele akekho umuntu othi walahlekelwa yilungu lomndeni. Ungahlekisa ngamaphara ayewelisa abantu kuhlasele amanzi edolobheni yinto vele kwathina eyasihlekisa ngabe sinenzondo ngawe uma sokhalela nalokho.
Inkinga yami iqala lapho usuhlekisa ngabantu ababulawa yizikhukhula futhi ubabiza ngamaphara ahlala phansi kwamabhulokho. Cha, Mchunu imindeni yalahlekelwa abathandiweyo babo. Abantu babengalali behamba befuna izihlobo zabo bazithole sezithule. Namuhla wena uthi amaphara afa abulawa ngamanzi lokho akuhlekisi kepha kwashiya izilonda eMnambithi emndenini eminingi.
Uphinde uhlekisa ngokuqhuma kwesibhamu, akuyona into ongenza ngayo ihlaya leyo ngoba kufe abantu abaningi. Kugobhoze igazi kwanemindeni elahlekelwa amalungu ayo kwavalwa ngehlahla. Sewubona ihlaya into engakulalisa usuthi, ubona into ezokwenza uhlezi usemehlweni abantu ezinkundleni zokuxhumana kepha ngapha kunabafelokazi.
Angikucushise ke nsizwa enkulu yaseNkandla esutha ngokuncetheza. Njengonontandakubukwa kufanele konke okukhulumayo ukubheke ukuthi akekho yini ozolimala ngale nto ohlekisa ngayo. Ngabe awukho umndeni ozilile ngale nto ohlekisa ngayo? Ngizwe awulona uhlanya kepha ungumuntu ozama impilo noma yikanjani inqobo uma usuthile nje. Yingakho nokukhulumayo ungakubheki kanti ekugcineni yikona lokhu kukhuluma isinomakanjani okuyokwenza isitha ezweni.
Mpha Omnyama
EMNAMBITHI