Mhleli: Ngo-2019 abalimi baseNingizimu Afrika baxwayise ngokwenyuka kwamanani okudla ngo-2020. Bathi lokhu kuzodalwa wukushoda kokudla ezinqolobaneni. Bathi ukugqoza kwemvula kuyimbangela enkulu yalokho. Sekuqalile ukubonakala lokho uma ubheka indlela amanani okudla ami ngayo ezitolo njengamanje.
Ukufika kobhubhane iCovid-19 kuphinde kwenza isimo saba nzima kakhulu. Yize zikhona izitolo ezibe ngosomathuba ngesikhathi somvalelandlini kodwa ukudla bekuzonyuka kulo nyaka ngokombiko weLoving Life.
Yize imibiko ithi amazwe asezwenikazi i-Afrika kawakhahlamezekanga njengawase-Europe njengoba kunobhubhane nje kodwa kuyaziwa ukuthi uma kukhulunywa ngenhlekelele kwezokudla, kusuke kuthinteka kakhulu amazwe ase-Afrika.
Phambilini uMqondisi oMkhulu kwa-Unicef ngokubambisana neSave The Children, u-Ann M Veneman, wathi isimo sibi eMusina Bay Bridge.
Uthi abantu baseZimbabwe bathutheleka kule ndawo bezofuna impilo engcono eNingizimu Afrika. Uthi okufike kube yinkinga kakhulu wukuthi kusuke kukhona nezingane ezidinga ukudla nosizo lwezempilo ngokushesha.
Ngokusho kuka-Issa Larabou oyiCommunity Charity Organizer eNiger, izingane zifika ezikhungweni zezempilo, okuyilapho kutholakala khona ukudla, zingasakwazi nokuzimela ngenxa yendlala kodwa emva kwezinsuku ezimbalwa, ingane isuke isikwazi ukuzimela. Bathi kushona izinkulungwane zezingane ngenxa yendlala.
Kungenzeka sisuke sikhuluma imfundiso ze uma sithi alikho ithuna lendlala. Imibiko yakamuva yabezindaba kwaSABC, ithi izingane ezineminyaka esukela ku-10 kuya ku-14 zisuke sezisebenza eNingizimu Afrika.
Kuthiwa ziningi izimbangela zalokhu kodwa okuyiyona ehamba phambili kuthiwa yindlala. Kuthiwa lokhu kudlange kakhulu esifundazweni i-Eastern Cape . Ngokombiko weWorld Vision For Children for Change wango-2012, bacaphuna umfanyana omncane ona-10 weminyaka waseNiger, igama lakhe nguSalissou, ethi ukuthola kunzima ukuya esikhungweni sezempilo lapho asuke ezothola khona ukudla nokunakekelwa ngokwezempilo.
Uthi okufike kube nzima kakhulu wukuthi uma ehamba, kufanele abelethe udadewabo oneminyaka emihlanu ubudala. Uthi okumenza athwale kanzima kakhulu, wukuthi lolu hambo olungu-16km kufanele aluthathe noma elambile enjalo. NaseNingizimu Afrika sesingasho ukuthi lokhu okubizwa ngenhlekelele kwezokudla, sekufike qathatha.
Mhlawumbe kungasiza ukugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuba bakuthathe njengento ebalulekile ukuhlela umndeni. Zonke izinhlaka ezikhona kungasiza ukuba zizibandakanye ekukhuthazeni imiphakathi ngalokhu.
Enye yezimbangela zobubha emhlabeni jikelele, wukuzala kwabantu izingane eziningi kakhulu kunokudla okukhona. Nomuzi onabantu abakhonze ukuba nezingane eziningi, uvamisile ukukhungathwa yindlala. Ngokwesilinganiso kuthiwa umuntu oyedwa udla R47 ngosuku. Lokho kuchaza ukuthi ngokwesimo saseNingizimu Afrika ngumuntu oyedwa okwazi ukuphila ngoR1 410 ngenyanga.
Lapha kukhulunya ngomuntu okwaziyo ukulala edlile zonke izinsuku, hhayi umuntu ophila ntofontofo. Noma ngingesiye ungoti wokusebenza kwengqondo yomuntu kodwa kunobufakazi manje bokuthi izigameko zokubulawa kwabantu ngoba kuthiwa bayathakatha zivela emiphakathini ehlwempu futhi engenazo izifundiswa, engenabo abantu abakhuthalele ukusungula nokuqala izinto ezintsha.
Ngamanye amazwi, ukuzala izingane esehluleka ukuzinakekela ngendlela kusho ukuthi izwe lethu lisazoba nezinye izigameko ezihlasimulisa umzimba, lapho sibona abantu abadala bebulawa bengenze lutho, kuthiwa bayathakatha.
Kubuhlungu esikubona kwithelevishini nesikufunda emaphepheni, kubulawa abantu abadala, omama nogogo bethu bengenze lutho kuthiwe bayathakatha.
Akekho umuntu owake wabulala umuntu emsola ngokuthakatha maqede walungelwa yizinto ngoba sekufe obemthakatha. Kunalokho impilo iba nzima kakhulu kunakuqala. Yini edala lokhu usumbulele umuntu obemise impilo yakho? Lokho kungubufakazi bokuthi impilo yomuntu uzilawulela yena, ayilawulwa ngomunye umuntu. Uma ucabanga ukuthi izinto zizozenzakalela uzoba nenkinga. Nabo labo bantu abahlolela abantu kazi bayawubona yini umonakalo abawudalayo emiphakathini ngokuhlale betshela abantu ngokuthi bayathakathwa.
Kukho konke lokhu umthakathi omkhulu ukubedlula bonke, yindlala, ububha nokweswela okuhlasele umhlaba jikelele.
Eugene Biyela