KUNINGI osekwenzeka namhlanje Kempilweni yomuntu omnyama ngokungazi nokungagqondi.
Lokhu kuqale ukugqama emva konyaka ka-1994, lapho izinto zivele zathi vumbu wena owabona izinhlwabuse kade linetha.
Namhlanje usuyaye uzwe umuntu kuthiwa kade eyofakelwa abantuabadala ekhaya, balandwe emathuneni, kokunye olwandle noma bamenyezwe emoyeni ukuba bangene ekhaya. Konke lokhu kwenzeka ngoba kuhanjwe kwayozwiwa kumuntu obonayo wathi abekho baphumile, kufanele bangeniswe. Uthi ukhule kini wazalwa kulo womuzi, waze wamdala waganwa, uyihlo nonyoko okwakungabanikazi balowo muzi, uma sekusele wena usuhaqwa yizinkinga sekuthiwa abekho abadala.
Uzame ubangenise ngokungazi, udlulele phambili kufike kuthiwe abekho baphumile, badinga ukungeniswa futhi. Kukhona lokhu kungeniswa ungeniselwa wumthandazi noma wumuntu wasenkonzweni lapho ukhonza khona, kokunye wumelaphi uqobo lwakhe.
Ilokhu kwenza namhlanje osekudalele umuntu inhlupheko engasayophela, yangunaphakade.
Imigilingwane esekwelapheni kwanamhlanje iyahlekisa. Kuthathwa izinto ezazenziwa yimindeni emakhaya sezenziwa ngabelaphi, uxakeke ukuthi umuntu wesibongo sithize uhlangana kanjani nedlozi, kumbe ithongo lakomuye umuntu? Sekudume ukuletha umuntu oyinyanga ekhaya, kuthiwe ubezofaka abantu abadala, kokunye ubezosilungisela umsamo, ungcolile, kokunye baphumile abadala.
Ukungeniswa kwabantu abadala khona yikhona osekulahleke kakhulu. Ngibona ukuthi ake ngikuchaze namhlanje ukuthi kusuka kuphi nokuthi kuyini.Umuntu wayelotsholelwa nguyise esekhombe intombi okuyiyona ayibona izokuba ngumfazi wokuvusa umuzi kayise. Uma sithi wayelotsholelwa nguyise, naye wayeveza okuncane ukuze kugcine ilobo likhishwe wonke, okuholela ekutheni intombi leyo igcineisigcagciswa.
Kwakuhanjwa kuyocelwa, kulotsholwe ngendlela okuyiyona, kubonwe izinkomo, kwenziwe imicimbi yakhona yonke, umalokazane aze athelwe ngenyongo. Lokho okwakubizwa ngomgcagco, okwakungena udwendwe. Kuyangokuthi indodana egcagcelwayo ngengakanani lapha ekhaya, ngobauma kungencane ayizophuma ilishiye ikhaya likayise, yiyona esiyogcina isemzini kayise, ibheke amathuna nezibaya zakhona.
Uma kuyindodana endala noma ephakathi, kulapho umalokazane ezokotiza isikhathi esithize beseumndeni unquma ukuba undodana aphume inxiwa. Kulapho uyise womfana ezohamba ayomkhomba inxima endaweni yasekhaya, okwakuvamisa ukuthi kube ngaphesheya nje kwasekhaya noma ensimi okungeyasekhaya. Uzokwakhiwa umuzi uphele. Uyokuthi ungaphela kulapho ubaba womfana esezomngenisela khona abantu abadala umfana.
Abadala-ke babenginiswa kanje: ubaba uzothatha imbuzi yesilisa aqonde emsamo, afike abike ukuthi nakhu manje esekhipha umfana umyisa emzini okungowakhe (uyise womfana). Ucela bahambe manje bayongena nakhona. Izohlatshwa imbuzi leyo, okuyobe sekuthathwa umkhono wesandla sokudla kuhanjwe nawo, sekuyiwa emzini omusha, lapho kuzofike khona kungeniswe ngembuzi ephilayo, nalo mkhono, nakhona ubaba afike ashise impepho asho athi nanku-ke umuzi wenu. Isizohlatshwa-ke imbuzi leyo ilale. Ngakusasa umfana athelwe ngenyongo, afake isiphandla, imbuzi idliwe. Kukhona-ke lapho uthola ukuthi kwashintshwa inxiwa ngezikhathi zobaba mkhulu, kumbe wobaba abakuzalayo.
Umuntu ahlale elokhu ephupha esemanxiweni amadala, kokunye usemzini wakhe omdala osewawuthengisa. Kulapho inkinga iqala khona. Lapho kufanele kulandwe inxiwa uqobo lwalo, ngoba lawo maphupho asuke esho ukuthi ingcebo eyayilapho ekhaya, imfunyo yonke nempande yomuzi, kwasala emanxiweni. Ukhumbule ukuthi emanxiwenikulapho kwakukhona namathunaabangasekho, osekufana nokuthisebesele dengwane.Nalapho awulandelwa ngumuntu ongesiyena wakini, esingathi ngumelaphi kumbe umthandazi wakho omkhonzile. Lokho kwenziwa ngumndeni, kumbe ngubaba uma esaphila.
Uma engasekho kwenziwe ngabasele abangabafowabo bakayihlo, kumbe uzenzele wena. Uhamba uqonde emanxiweni nokhamba lotshwala, ufike uguqe uthemelezele uphathe isikhumba sembuzi esekade yahlatshwa, ufike ucoshe umhlabathi wakhona wonke, uwufake esikhumbeni bese uya nakho ekhaya elisha lapho uyobangenisa khona. Kulapho usuzofike esangweni ubahlangabeze ngembuzi, okuyiyona ozofike ubanikeze ngayo isithebe sokubangenisa nengcebo.
Nakhona emanxiweni kawuyi emathuneni, kodwa uya lapho kwakumise khona isibaya nendlu yakwagogo. Kuyinkinga-ke uma ngabe amanxiwa engasaqondakali lapho aye kade ekhona.
Kulapho kufanele uphahle, ubike ucela ukuba basondele esangweni lomuzi abakunikeze wona, ngoba umuzi nomuzi usuke uvezwe yibona, ngenhloso yokubona ukuthi basendle. Uma sebevela ulokhu ubona ngomuntu kumbe ngabathize ngaphandle kwesango, kulapho usuyakhona nokhamba lotshwala nembuzi, ufike uguqe uthi ucela bakulandele bangene. Usuzohamba uze uyongena kuleyo ndlu obangenisa kuyona, bese ubabikela ukuthi nasi isithebe sabo, imbuzi uyihlabe, ngakusasa uzithele ngenyongo.
Lokhu-ke kufana ncamashi nalapho usuke uthenge umuzi esilungwini usushiya omdala. Bathathe ngembuzi ngokuthi uyihlabe kulo muzi osuwuthengisile kumbe owushiyayo, uhambe nomkhono uye komusha umuzi. Ufike ungenise futhi ngembuzi.
Uma ugcina uba ngumuntu onemizi engaphezulu kwemibili, kuyaye kufanele ube khona umuzi okuyiwona olikhaya elikhulu, elengamele yonke imizi. Uma uyingane engumlanjwana, konke lokhu ukwenzelwa ngomalume,noma umalumekazi uma engagananga.
Umuntu-ke osebuya emendweni, ukhonjiswa inxiwa abakubo, kodwa uma esakha umuzi uyongenisa abalapho eyeganele khona hhayi ithongo lakubo ngoba wayesakhishwa ngokusemthethweni isibongo sakhe sacishwa nya. Baningi abathi sebebuya emendweni, umuntu abuye ayoshaya umthetho kubo kanti kusuke lokho kungasafanele.
Ngakho okufanele sikuqikelele wukuthi kukhona konke lokhu, ukubikwa komuzi nokungeniswakwabadala, akwenziwa wumelaphi,isangoma, ugobela, inyanga, umthandazi, owasenkonzweni okhonza kuyona, kodwa ngabakini noma wena qobo lwakho ozenzelayo.
Lo msebenzi wokubikaka wenziwa ngezinkukhu, wenziwa ngembuzi. Kamuva-ke uma isimo sesikahle sekuyokuwa inkomo, usubapha isithebe esikhulu. Uma amandla ekhona kwabanye bathi bangabangenisa bese bewisa futhi yona inkomo.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye; School of Umsamo Wisdom
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN: 087 11 00 555
Esigodlweni: 033 342 3945.