IZINTO zimane ukwenzeka, umfo kaSono, uJomo wake wakhala ngama-agent ebholeni ethi ayemhlupha ngisho ehhotela ngenkathi eqeqesha iBafana Bafana. Sasiqala ukuthola isiqiniseko ngama-agent ebholeni, kwakuyinto eyayishwashwadwa. Pho iziphathimandla zathatha ziphi izinyathelo?
“Thula mlomo wami ngizokuthengel'iKentucky”, kwazisholo isalukazi uMagumbuqu uma kade ekhuluma enganakiwe, bese kugcina njengoba kade eziphimisela.
Sinesikhundla sika-Technical Director esiphethwe nguWalter Steenbok kuSafa, kwamanye amazwe ngisho umqeqeshi weqembu lesizwe ungaphansi kwalo mqondisi. Kuleli ungathi uHugo Broos yiqhude elikikiliga lodwa ehhokweni. Engathi iqhaza elibanjwa abahlungi kwi-rugby ne-cricket linomthelela omuhle, kunokuthi kube umqeqeshi okhetha iqembu. Izwe lakithi iNingizimu Afrika, liyesatshwa emhlabeni kwi-rugby ne-cricket. Ibhola liyahlupha, kuba noqhoqhoza nje okuthi noma inqola iya eweni kuthalaliswe nje.
Njengoba iBafana Bafana ibihlungela i-Afcon 2025, ukushiywa ngaphandle kukaTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates kunyusa izinhlonzi, njengamanje uyifolosi elivelele kwi-PSL. Kusizani ukufaka ingcindezi kubadlali ukuthi benze kahle kodwa izithelo zingabonwa?
Konozinti noma sintula lapho kodwa uSipho Chaine we-Orlando Pirates uyena oshisayo, okufanele adlale njengoba uRonwen Williams oselenze elakhe lelijezi, esalimele. Uma ubheka kudlalwa ne-Uganda, uVeli Mothwa udliwe amagoli angafanele. Ugcine nini ukudlala? Njengamanje oChaine noMabasa bamatasa nemidlalo yezwekazi neyasekhaya yeMTN 8, lokhu okungenzeki kuMothwa ngoba iqembu lakhe lishaye into ephansi ngesizini ephelile. Kolonozinti mhlawumbe komele sithathele kwiGibhithe engabavumeli onozinti bangaphandle kumaligi akhona.
Kwi-PSL ngiyacabanga angu-12 amaqembu anonozinti bangaphandle, manje uma sekudlala iBafana Bafana asikwazi ukubasebenzisa.
Sesikushilo lokho, abadlali kumele baqokwe ngokwezinga labo ngaleso sikhathi.
Kunomehluko phakathi kokuthuthukisa nokudlala imiqhudelwano kuleli lakithi, engathi sixova isijabane. Sikhule ibhola lidlalwa obhuqwini nasemigwaqweni. Izikole bezibambe elikhulu iqhaza ngoba isikole besiba no-A, B, C. Umdlali ubekhuliswa ngaphakathi esikoleni ephokophelele ukudlala ku-A. Kwakunohlelo lokudlala kwamakilasi, nalapho baningi abadlali ababeqhamuka lapho, kokunye bajombe bayongena ku-A.
Emva kwalokho izikole zazidlala masonto onke, kugcwala futhi ezinkundleni. Bese kuthi ososesheni benohlelo lokudlala kuka-juvenile osesikubiza ngama-juniors. Lezi zingane zazidlala ekuseni ngeMgqibelo zingaphazanyiswa, ntambama bese kungena izikhweqe.
Izingane zazingadlaleli imali njengothisha bezinsuku zokugcina ababuza kuqala emhlanganweni bethi, "Athini ama-prize monies?" Izingane zazingadlaleli ukuwina kumnyama kubomvu kodwa kwakuba ukuthi nathi isikole sethu besikhona, noma u-juvenile wethu ubukhona. Ukuwina kwakuba khona phela uma kudlalwa njengoba kuba khona ophumelelayo.
Umqhudelwano ilapho ke, kubekwa imiklomelo phambili kunentuthuko, yingakho kunothisha nabaqeqeshi abapheka iminyaka yabadlali ngoba befuna ukuwina ngodli. Lolu godo olugxoba izingane alupheleli ndawo kokunye.
Ngijabulile nje ukuthi uMnyango wezeMidlalo nowezeMfundo basayine isivumelwano sokubambisana kwezemidlalo yezikole. Izingane azivunyelwe ukudlala kwezinye izikole zabamnyama, kuqhakanjiswa imiphumela kuphela. Imidlalo namakhwaya kuthathwa njengento echitha isikhathi kanti bajahe ukuthi bathole u-100 %.
Ngibona kuyicala okwezikole ezingadlali kwanhlobo, othishanhloko bakhona kumele banekelwe izwe, ke-basho ukuthi kungani bethakatha emini? Izikole ezazingo-Model C nezizimele yizona kanye ezikhiqizela izwe abadlali be-rugby, cricket, athletics, ababhukudi, hockey ne-netball.
Nalezo zikole eziqhakambisa ukufunda kuyofanele zikhiphe imininingwane yokuthi bangaki abafundi eseke babakhiqiza babangodokotela, onjiniyela, abacwaningi mabhuku, abameli neminye imikhakha. Akubona bonke abafundi abayophila ngemfundo kuphela kodwa ezemidlalo zingaba yindlela yokuziphilisa lapho bengathola khona izigidi zamaRandi.
Ngokugqugquzela kwemidlalo ezikoleni ngabe asiyikhulumi indaba yokuntula onozinti. Sasibathathephi kanti oBanda, Sethlodi, Mfeka, Skebhe, Blackcat, Maimane? Bonke bagqama ezikoleni bebancane. Izwe lakithi linethalente, ukuthi sekwadlisa ama-agent, afunza abaqeqeshi, iqembu lidlalise inkomo isonto nesonto.
Ikhani sizwa manje, kokunye ukuthi umqeqeshi usesitebeleni esisodwa nabadlali. Ngeshwa ibhola lamanje selinabantu abanemali, kodwa abangenalo ikhanda lebhola.
Umqeqeshi uyadinga ukukhalinywa uma ezoshiya abadlali okusobala ukuthi kumele bathole ithuba kodwa basale bencela izithupha. Sesoze sinukane sodwa engathi singamaphisi abuye nembabala, umswani awuchitha egcekeni.