NAMUHLA ebusuku uMengameli Cyril Ramaphosa, wethula inkulumo ayibhekise esizweni yokugcina ehlandleni lakhe leminyaka emihlanu ephethe izwe.
Silindele ukuba inkulumo kamengameli ibe nesisekelo sokwethembeka nobuqotho. Ngale kokuzuzwe yizwe eminyakeni engu-30 libuswa ngokwentando yabantu, kumele kucace okwenziwe wuhulumeni obuphethe kule minyaka emihlanu. Ubuqotho bukamengameli buzobonakala ngokuthi achaze ngokwehluleka nangempumelelo kahulumeni.
Iqiniso lithi kusuka eminyakeni eyisikhombisa edlule, incane intuthuko ebonakele ngenxa yokubhimba kwezinhlelo. Lokhu kwenza abantu abaningi baphelelwe yithemba lempilo engcono ezweni.
Inkohlakalo isaxakile, ukuntuleka kwemisebenzi kuphezulu, ukucishwa kukagesi siphila ngakho, ukuwohloka kwengqalasizinda kusabalele izwe lonke kanti nengcindezi yenzalo yezikweletu iphezu kwabantu. Amanzi ahlanzekile ompompi nokuthuthwa kwendle ngendlela ehloniphekile kusafana nephupho ezigidini zabantu baseNingizimu Afrika.
Abantu bakhathele ukuphindwaphindwa kwezethembiso ezingafezwa nokutshelwa ngokuthi iCovid-19 imoshe kanjani izinto.
URamaphosa ungene emandleni ngo-2018, wathembisa ukukhulisa umnotho nendathane yemisebenzi - makachaze ngakuzuzile nokumhlulile kulokho.
Izwe lidinga umbiko ocacile ngokuthi wenzeni futhi usekuphi nokuxazulula inkinga kagesi. Umelwe nawukuhluba udlubu ekhasini ngebanga eselihanjiwe ngokuguqula wonke amabhizinisi kahulumeni ukuba akwazi ukuzimela enze inzuzo. Okunye okumqoka wukukhanyisa ngezinhlelo zokulwa nobugebengu osebuphume kakhulu esandleni.
Abantu baseNingizimu Afrika abasafuni ukuthenjiswa kabusha kepha bafuna izinhlelo ezisebenzayo, ezibonakalayo nekusasa elingcono.