UKHETHO njengayo yonke imiqhudelwano lunalo nje ibhadi lokuthi kuthi kubhukuda oshaka kodwa kube khona oshobishobi nje abalokhu bedlala.
Kunamaqembu nje engingeke ngiwachakide ngamagama kodwa ngizowachaza bese iyathunukala enenxeba izwakale ngokubhonga.
Ukhetho luwudaba olubucayi kabi oluphethe ukufa nokuphila kwezwe kodwa bese kuba nezimambana ezidlala amagende.
Izimambane zokuqala yilezi ezifika ngomfutho zikhankase kuyothi sekuhlungwa ngokwemigomo ye-IEC zisabele ezansi njengoKhayini ebulele umfowabo. Uzwa kuthiwa ngesikhathi sebekhethwa bengeniswa ekhaya zona azingenanga zisalile zilibele wukugxeka i-IEC.
Uvele umangale uzibuze ukuthi kanti kuyadlalwa yini la? Akalwenzanga yini ucwaningo lo muntu? Kuzo zonke izinto zokudlala ungakhetha ukhetho lukahlumeni ngoba kwenzenjani.
Laba bantu obuhamba ubanxenxa ukuthi bakuvotele uzobuyela yini kubona uyobatshela ukuthi ubudlala - ayikho yonke le ndaba yakho?
Ezinye izimambana zesibili yilezi ezilokhu zikhona kusukela ngo-1994 kuqala ukuvotwa ngentando yabantu kuleli. Aziqondakali kahle ukuthi ziza nani ehlukile zimele ini futhi umyalezo wazo awugqami kahle.
Ziphindaphinda lokho okushiwo amanye amaqembu noma zisho okungenahlonzo kangako.
Umuntu ubamba lelo qeqebana labantu bamvotele athole leso sihlalo esisodwa ePhalamende kube wumshubo. Uma efika ePhalamende athule njengomnumzane elinde imvulamlomo noma ingqaqamazinyo.
Izimambana lezi zikhona naseziShayamthetho zezifundazwe ngeke uzizwe zisho lutho olutheni zijabulela ukuba khona nje.
Izimambana lezi zifana nezibankwa nje ezithamele isigcaki zizithulele kushaye isikhathi ziyozilalela ziyazi ukuthi uma kuphela inyanga iyangena imali ebhange. Ziyazi nokuthi ziyayithola imali yoxhaso lwe-IEC nayo esuke iphuma kuyona intela njalo.
Kuba nezindaba ezibalulekile ePhalamende kodwa izimambana zifana nathi esisuke sibuka kwithelevishini. Ezinye zazo zihamba ziqathaka ngendlela zingakwazi ukubuyela ePhalamende ngoba abavoti sebebonile ukuthi inqola isodakeni.
Zigcina zicuca amavoti ziwehlukanisa mahhala nje amosheke ngoba zibe zazi kahle ukuthi azithi shu.
Amalungu ePhalamende aholelwa ngemali yabakhokhi-ntela abasuke bevotile bathuma abantu ePhalamende.
Amaqembu aphikisayo abaluleke kakhulu ekubusweni kwezwe futhi ayaziwa lawo anezwi akhuluma kuzwakale.
Kufanele ashayelwe ihlombe akhuthazwe ngoba ayakwelusa ukusebenza kukahulumeni usuku nosuku.
Uma amanye amaqembu enemikhankaso yawo ebeka amaphuzu ePhalamende izimambana zona zithule zithini? Akudikizi ngisho inqulu kuzona?
Kuyinto enobulungiswa nje ukuthi izimambana zihole zibe zingenayo into ebonakalayo eziyenzayo ukuthuthukisa umphakathi?
Kuyomele ukuthi onke amaqembu ake azinuke amakhwapha uma eneqiniso azovuma ukuthi ayingxenye yezimambana ezidlalayo kube kusetshenzwa.