UMBHALI: Cathy
ABASHICILELI: Harper Collins Publishers
IZELAMANI ezimbili zabantu besifazane zihlela uhambo ngenhloso yokuthi zixhumane futhi zizikhumbuze ngezinsuku ezimnandi zakudalo. Lokhu kudalwa yindlela uLou azizwa ngayo ngemva kokugubha iminyaka ewu-50. Uphelelwa wuthando futhi ajabhe uLou uma ezwa abantu abathandayo bekhombisa ukungamnaki ekubeni yena ebenzela okuningi.
Inoveli ethi Sisterhood, ixoxa ngobudlelwano bezelamani, izinselelo zokuphila impilo engafani nokunye. Kumthena amandla uLou ukuzwa ukuthi unina unemfihlo angakaze ayidalule kuyena ekubeni eyizibulo lakhe.
ULou ushadile futhi unengane kepha udadewabo uToni, akanayo ingane yize eshadile. Ngenxa yokuthi uLou, ungusisi omdala ukhule eyinhlobo enakekela wonke umuntu iziphenduke ulamthuthu wabantu kepha ingaboni. Kuthi uma esezijabulisa nomndeni alindele ukuthi abantu bazokukhumbula ukuthi nguyena obanekekelayo.
Yize uToni, beshiyana ngeminyaka nosisi wakhe omdala kepha uyambona ukuthi uthanda ukujabulisa abanye abantu bese ecabanga ukuthi bazokwenza kanjalo nakuyena. Kepha cha! Abanandaba naye.
Kuphela ukuzethemba kuLou ngemva kokwenza inhlolokhono yokuba yimeneja. Bavele bamshaye indiva bamtshele ukuthi bayakubona ukuzikhandla kwakhe kepha bafuna umuntu oneziqu.
Bhasobha ungafukuzi kakhulu futhi uzigqalaze unakekela abantu abangenandaba nawe, ngisho nomndeni wakho. Abakuthanda uma bezokwenza ulathuthu, bakukhiphe lapha, bakufake lapha. Ngenxa yomusa wakho bese ucabanga ukuthi bayakuthanda. Angiyiphathi eyasemsebenzini. Uquleka namhlanje kusasa bafuna umuntu ozobamba esikhaleni sakho.