UBULUNGISWA abuboni, abukhethI hlangothi, abazi bulili, abazi mali yamuntu futhi kubalulekile ukuthi abubekhona njalo.
Ubukhona kobulungiswa abungagcini nje ephepheni noma emiqigweni yezomthetho kodwa asikwazi ukububona ngamehlo. Yingakho nophawu lwezomthetho linowesifazane ovalwe amehlo, walengisa nesikali esilingana ndawo zombili.
Yingakho uma izigcawu zenkantolo zihlala, umphakathi uvumelekile ukuba yinxenye yethimba labalalela icala kanjalo kuvuleleka ukuthi nabezindaba bakwazi ukuthathela bukhoma ukusuka nokuhlala ukuze kucacele ngisho ingane encane ukuthi konke kuhambe ngohlelo.
Ekuqaleni kwesonto, sibone bukhoma ukuqulwa kwecala lwalowo owayengumungameli waseNingizimu Afrika uMnuz Jacob Zuma, ocishe wagubha usuku lwakhe lokuzalwa enkantolo ukuze isicelo sakhe sokuhlehliswa besingaphumelelanga.
Kanjalo ukuqulwa kwecala lwalowo owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates owabulawa ngo-2014, nalo liqhubeka bukhoma libukwa yizwe, akukho okuhlifihliwe. Omunye uzothi ukuthanda izindaba kodwa mina ngithi ukubona ubulungiswa ngamehlo, okwenziwa izinkantolo akumele kube ngasese, kumele kucace kuvuleleke kuwona wonke umuntu khona sizobona kahle ukuthi izinkantolo zisebenza kanjani.
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika:-
Izigaba 32, 34 no-35 ziqiniseka ilungelo lethu lokuthola olwazi nokwaziswa ngezindaba ezithinta ukusebenza kwezinkantolo noMbuso.
Isigaba 32, sithi sonke sinelungelo lokuthola nokunikezwa ithuba lokucubungula imniningwane ephethwe omunye ikhakhulukazi uhulumeni, umongo wokuthola leyo miminingwane ukuvikela amalungelo ethu.
Kuphinde isigaba 34, sithi singakwazi ukuya enkantolo uma kukhona ukungaboni ngaso linye noma sidinga umxazululi. Lapho sisolwa khona ngokuphula umthetho; isigaba 35 sikhona ukuqinisekisa ukuthi siyavikeleka sithathwe njengabasolwa sithole ubulungiswa.
Ukuhlukana kwezinkantolo:
Umxazululi omkhulu kuba yizinkantolo ezinikezwe umsebenzi wokuvikela amalungelo ethu, zihlukene ngezigaba zilawulwa amandla ezinawo, kanjalo nendawo ezikhonya ngaphansi kwazo.
Sinezinkantolo zezimantshi ezilawula -Magistrate Court 32 of 1944, izinkantolo ezinkulu neyokudlulisa amacala elawulwa iSuperior Court Act 10 of 2013, kugcine iNkantolo yoMthethosisekelo ewumphelandaba.
Ukusebenza kwalezi zinkantolo kulawulwa nayeminye imigomo nemibandela ukuze amacala asingathwe ngendlela enobulungiswa.
Amandla anikezwe abahluleli abaphethe lezi zikantolo la ngisho omengameli bamajaji bezinkantolo eziphezulu, umengameli wenkantolo yokudlulisa amacala kanje nomdididyeli omkhulu inhloko yamajaji yona ephethe konke okuthinta ukusebenza kwezinkantolo.
Inhloso yalolu hlelo lokusebenza:-
Inhloso yinye, akube khona ubulungiswa kukho konke okwenziwa inkantolo, yingakho inkantolo imelwe ukuqinisekisa lokhu okulandelayo:-
Ukunikwenzwa kwabo bonke abathinteko ithuba lokuzilungiselela uma beza enkantolo.
Ukuthola imininingwane egcwele ngento ethinta bona uma beza enkantolo.
Ukunikezwa ithuba lokuchaza nelokubeka uvo lwabo uma bebizelwe enkantolo.
Ithuba lokuthola nokusizwa ummeli uma bebhekene namacala, yingakho uthola nenhlangano iLegal Aid South Africa, ikhona cishe kuzo zonke izinkantolo ukuqinisekisa ukuthi akukho muntu oswela ummeli ngenxa yokuthi imali akanayo.
Okumele kwenziwe ithina njengomphakathi:-
Kuyadabukisa ukuthi iningi labantu likholelwa ekuzibambeleni izindaba zabo zomthetho, esikhundleni sokuthi bathole ummeli. Laba basuke bezigwaza ngowabo, kuyibona abazenza izimvu zomhlatshelo esikhundleni sokuthi bathole ubulungiswa.
Qiniseka ukuthi uthinta ummeli, onolwazi namava ozokwazi ukulwela kahle.
Qiniseke ukuthi uyaqaphela indlela asebenza ngayo, uma engenzi kahle mshintshe uthole ungcono, ekugcineni kosuku umqashele ukwenza umusebenzi uma ehluleka thola omunye udlelele phambili ngoba okufunayo ukusizakala.
Qinisika ukuthi nivumelana kahle isikhathi sisekhona ukuthi indlela enizokhokhelana ngayo ithini. Iningi labameli livala iminyango ngenxa yokukweletwa amakhasimende.
Ukusebenza kwezinkantolo kusikhombisile ukuthi akukho okufihliwe inqubo nje, ukuqiniseka ukuthi wenza okufanele ukuze ukwazi ukuvikela kahle amalungelo akho.
Ukwenza izinto ungakhulumanga nommeli kuqala kungadala ukuthi ukhokhe kakhulu uma ufuna ukulungisa okonakele. Kanjalo, ukuzenzela izinto ezithinta umthetho wena wedwa ungasizwa ummeli kufana nokuzikhipha wena izinyo elibuhlungu ngoba uthi uyabazi ukuthi ubuhlungu buvela kanti usayazilimaza.