NGIKE ngayoshaziza umngani wami, engimthatha njengomnewethu, le kwelakithi kwaZulu. Ubefihla unina wakhe. Ngenxa-ke yokuhamba sizikinatela ngezintandela zempilo ngagcina sengivela ngosuku lwenkonzo yokugcina kanina.
Ngifika-ke kusenesithutshana ekuseni kunguMgqibelo, ngase nginquma ukuba ngiyonyathela egcekeni noma konke bese kwenzeka bume. Siphuma nje ekhaya sesiya enkonzweni, silayalandelana. Ekushayeni ujenga ngezimoto ngibone umama wendawo ephakamisa izandla sakukhombisa ukuthi naye uya lapho siya khona. Igazi leli selafunda ukubaziba abenze njalo kodwa kwavele kwaba nothashi othi lude lolu khalo oluzohanjwa yilo mama, ngama wangena emotweni.
Abajwayele-ke emakhaya, ukubingelelana ngakhona kuyindaba engathatha lonke ukhala ngokwayo ngoba ngisho ningazani nigcina seninikene sonke isithombe sokuthi ningobani abayisima kanjani, pho lapha, njalonjalo. Ubuntu-ke lobo, hhayi lesi sigwamba sesimanje abantu bechapha abanye ngamagama anohlalwane ngokuqhwizeka kuqukulu womunye nje ngephutha.
Sesiqhuba indlela nalo mama, sibabaze zona izifo nalo lonke utwayi olukhungethe izwe. Kuthi nxa siphambukela endleleni esisa lapho sibheke khona angikhombise athi bheka isihogo lapho izingane zethu zibhubhela khona. Ukhomba le ndawana esasipoti nje, vele ngiyiqaphele ngisabheka ekhaya kwamngani wami. Bekunesiqhoqhwana sesigejana samajaha ongasibalela mhlawumbe eshumini. Kusanda kuphuma ilanga, leli qoqwana liqhwakele ematsheni nasemakesini, kukhona amabhodlela ansundu lawa abizwa ngamakhothi. Bethamele isigcaki.
Nginesiqiniseko sokuthi iningi kulesi sigejana lingamaklume nje angafikephi ngeminyaka yokuzalwa. Abafana! Kodwa okuhlalukayo abanye sebenenswebu yokuphelelwa yithemba nokuzinikela ngokwadlulele enkonzweni yamankwebevu. Ekubaliseni kwakhe lo mama ngalokhu akubiza ngombulalazwe (utshwala) bese ephawula ngento eyangihlala emoyeni futhi ngakubona ukukhathazeka kwakhe ukuthi kujulile. Uthi: "Ubabona nje bevukela lapha yingoba izolo bekuphume lesi siqalekiso so-R350 sikaRamaphosa. Wayethi uyasiza umntanabantu (esho uMengameli) kodwa le mali sekuyiyona mpehlwa evuse lezi zipoti ngoba kade zingasekho, zivulwe ngoba sebethola lo R350."
Umama lo ukhala ngokuthi ngabe kungcono ukuba bathenga impuphu ekhaya badle kodwa intsha eningi engasebenzi ibonakala ngokuqhuba imbuzi mhla kuphume u-R350. Emakhaya ayibe isabonwa ngalolo suku.
Indikimba yenkulumo yami-ke kayikho ku-R350, ilapha endabeni yokusefeka kwesizwe ngendaba yophuzo ngoba nentsha esebenzayo ithatha utshwala ibubeke eqhulwini lezinto ezimqoka. Kuba ukuhola nje, abantu bangene emabhodlelasitolo bakhithize yonke inhlobo yotshwala.
Siyixoxa nje le ndaba nalo mama eziyela enkonzweni yokuyophelezela umakhelwane wakhe, hhayi ngoba ngiyiqabuka, siyibona mihla namalanga ezindaweni zakithi. Laba "bafana" asebeqaqele amabhodlela ansundu ekuseni ngovivi bakhishwe hlobo luni lwezimbungulu emakhaya?
Ngike ngabhala ngokukhathazeka kwami ngesichenene esihlasele abantu, abahamba bemisa izimoto kuthelawayeka nakweminye imizila bekhomba abantu ngamashizolo namasosetshi, bengasafuletheli nakufulathela. Uma unakisisa esinye sezizathu ukuthi bagcwele izimoto nje abasalindi nokufika lapho beya khona bayankinka, ubhoke umshobingo uthi ngikhiphe manje. Bagijima ngobudedengu kangaka nje emigwaqweni kunembiliso yomncindo phakathi.
Amazwi alo mama, asankenteza ezindlebeni zami lapho esethi: "Sesehlulwe-ke nayizingane zethu zamantombazane, zihubhana nawo amabhodlela lawa ngane yami. Izinkukhu zikhala kube kabili ezintatha ingane yentombazane ungayazi ukuthi idwayiza kuziphi izinkalo."
Lawa ngamazwi anesilokozane esingasami, amagama omuntu omdala oselahle ithemba ngokuthi umuzi wakhe uyoqhubeka ume uma esesithele. Usho kanje: "Siyahamba nje sonke, sekuwukuphela kwale mizi, akusekho ndoda, akusekho mfazi."
Nginomuzwa wokuthi la magama aphinyiswa yilo mama awubufakazi besimo isizwe esikuso. Akulona ihaba ukuthi le mfahlakalana ka-R350 ifana neseluleko esasishiwo abadala endulo uma ubanjwe uzagiga, bethi hamba uyozimukluza mawala ngapha nangapha emapalini esibayeni uthi zagiga ngiyeke. Lapho izigqiya ziyazoyiza ubuhlungu!
Kuningi okungumbulalazwe kodwa uphuzo yisona siziba sikamaminzela.