MHLELI: Kuyamangaza okwenziwa ngamaqembu epolitiki KwaZulu-Natal. Ngiqondise emaqenjini amabili, okungelibusayo neliphikisayo ngokomthetho njengoba ebonakala edlalela ebukhosini basendlunkulu.
Kuyamangaza ukuthi njalo ngesikhathi somkhankaso uma kusuke kuzovotwa, bathanda ukuyijwayela indlela ebheke endlunkulu kaZulu.
Ngimangazwa yizigigaba ezenziwa yilawa maqembu, elinye sizwa bethi likhiphe imifanekiso eneSilo sasedlunkulu linxenxa amavoti.
Sisababaza lokho, nanto neliphikisayo lenza imbudane selifaka isikhangisi ngomfanekiso weSilo esibusayo ukunxenxa amavoti. Bayakhohlwa ukuthi umzabalazo awuqalwanga yipolitiki kodwa mudala.
Ezinye izingonyama zaboshwa, zadingiselwa eziqhingini zolwandle, zaphuma abamhlophe sebewunaphazile umhlaba, kuhle okwamanqe edikadika isilwane esizifele.
Bakwenza lokho beqinisekisa ukuthi badudulela abomdabu ezindaweni ezingamaqwaqwasi, eziwugwadule nezinezintaba. Okufakazela lokho sikubona eMlaza, lapho imizi eminingi yakhelwe ezindaweni okungangeni ngisho nemoto.
Ipolitiki yabohlanga iyaxaka ngokuvaleka amehlo ngalesi sikhathi sokukhankasela amavoti, ngokungasihloniphi isihlalo sobukhosi bakithi KwaMalandela.
Bayakhohlwa wukuthi kwipolitiki ukhethwa ube mkhulu iminyaka emihlanu, emva kwalokho usufana nabo bonke abesilisa noma abesifazane.
Amakhosi awakhethwa ngabantu, ugcobo lwawo lusuke selukhona esezibelethweni zonina. Awaphakanyiswa ngamavoti amakhosi!.
Okuxakayo lo mkhuba wande lapha KwelikaMthaniya, asikuzwa kwezinye izifundazwe. Bayakhohlwa wukuthi ayivoti iNgonyama ngoba abantu bonke ngabayo.
Okunye abakukhohlwayo wukuthi abantu bezinye izinhlanga okungesibo abohlanga, bayasihlonipha iSilo njengeNgonyama yabo.
Lokho kukhombisa ukuhlalisana okuhle kwezinhlanga noma zinamasiko angafani. Kufakazelwa yinsizwa yomdabu waseNdiya, ehlala KwaDukuza, okwenza neSilo esikhothame kulo nyaka, sayinika isibongo sesiZulu.
Ake niqhele bobheseni akukaphakwa! Yekani ukwenza noma yikanjani ngokunameka iSilo samaBandla wonke ngodaka. Kungenzeka ukuthi enibaholayo behlukene ngokwepolitiki kodwa bayinto eyodwa ekuhlanganeni ngokukhonza iSilo.
Ayifuneki epolitiki eshibhile!
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE