MHLELI: Yize kusenomdonsiswano ngokubuswa kwezwe lethu kodwa asiphathekile kahle singabahlali basemkhandlwini weTheku ngokuthi siyizinkedama. Empeleni ukungabi nabazali esikhathini esinzima kuyayifaka ingcindezi yokuphila.
Ezinyangeni ezedlule. ubaba uMxolisi Kaunda, obephathiswe idolobha lethu ukhonjwe indlela emva kwezikhalo eziningi zokwehluleka ukulungisa idolobha. Engikujabulele ukuthi kusikazwa owesifazane ekulawuleni idolobha okuyinto enhle ngoba banezinseka ebuholini babo. Umama osikazwayo uNomusa Dube-Ncube. Uyabona uma kujutshwe lo mama ekulawuleni umkhandlu weTheku lingasinda ekutheni lingahambi ngo-2026 kohulumeni basekhaya. Iqiniso lithi seluseduze ukhetho lohulumeni basekhaya kumele kusetshenzwe.
Okungikhathazile ukuthi abanye bafuna uMnuz Bheki Cele ukuba abe usodolobha ekubeni mina ngibona iTheku lingaba lihle uma liholwa umama uDube-Ncube. Empeleni ubuholi balo mama buyazikhulumela ekubeni obukaCele buthule bungenalutho. Uma i-ANC izobuswa ubungani nemizwa ayimfake uCele bese siyabona ukuthi ngo- 2026 bayolibusa yini iTheku. Uma ubuholi benhlangano ebusayo buzobheka amava abufake uDube-Ncube kwesemeya. Mina sengikhathele ubugovu bobuholi bamadoda sesidinga ubuholi besifazane busihlengele iTheku bese kuthi oSboniso Duma bayeke le nto yabo yokugxambukela. Ngeke kwalunga uma ungawathembi amafolosi akho ukuthi azoyikama indima ayilime.
Khabzela Mzimela
EZWELIBOMVU