KUNINGI okwenzeka ngakuthina lapho sithi siyozwa ukuthi izinkinga ezisiqaqele zibangwa yini. Lokho kwenza kwethu bese kuba yikhona okwenza abelaphi bendabuko basho noma yini ngoba bebona sixakekile.
Okunye okukhulu kube ukwazi ukuthi yini lena esiyifuna kakhulu bese sikhohliseka kuthiwe sizoyithola. Akothi uma uyohlola utshelwa otshelwa khona bese usebenzisa amandla engqondo owawaphiwa nguMdali ukucubungula lokho otshelwa khona.
Umuntu ukuphuma kwakhe eyozwa ngokumkhathazayo uma engena esigodlweni somelaphi ungena vele edidekile, edidekile nesintu sesimlahlekele, sekulula-ke atshelwe noma yini.
Uma ngithi qhathanisa okukugulisayo kumbe okukuhluphekisayo, notshelwa khona ngiqonde ukuthi ngeke izingane zakho zithi zingagani, niyaxabana nomama kumbe ekhaya ugingqika nezimoto amabhizinisi ayawa kade zolo lokhu kuhamba kahle, bese kuthiwa bethela, noma idla igobongo, kokunye yembula, noma idlozi alikho ekhaya kumbe asilungise umsamo.
Noma kungashiwo lokhu kuthathe-ke wena bese ukuqhathanisa nenkinga yakho kumbe izinkinga onazo njengomsuka. Ukhumbule kunomehluko phakathi kwezinkinga nomsuka wazo. Konke kunomsuka.
Uma ushaywa uhlangothi, kumbe uvaleka amehlo noma ukuyozwa ngenkinga yokushaywa uhlangothi kumbe ukuvaleka amehlo hamba uyothola umsuka kwakho ukuthi kudalwe yini.
Kodwa ngenxa yokudideka nokujaha bese kuba lula kube khona ukukhohliseka. UNkulunkulu usiphe ingqondo yokucabanga okwenza sehluke ezilwaneni nakwezinye izidalwa ezingaphansi komthunzi welanga.
Ngakho sonke isikhathi kufanele sihlale sikusebenzisa lokhu kunanoma yini esiyibonayo nesitshelwa yona.
Siyahamba-ke siyohlola uma sesitshelwa esitshelwa khona asisakusebenzisi lokhu. Uthi wazi kahle kamhlophe ukuthi yini ephambene kuwena kodwa ungabe usacabanga ngengqondo ukuthi lokhu osutshelwa khona kuhlanganaphi nalokhu okukuhluphekisayo.
Iningi lethu lijaha imali, kungakho sigcina sesenza izinto eziphambene.
Uzwe emisakazweni nasemaphephendabeni kuthiwa kukhona indandatho yenhlanhla, kukhona indanadatho yomshado, kukhona umuthi wokuthi ucebe kumbe uwine i-lotto uzibuze uma usebenzisa ingqondo umnikazi walokho yena akayidingi yini leyo mali ngoba ngabe uqala ngaye kuqala ukubona ukunotha nokuceba ukuthi lokhu akhuluma ngakho kuyasebenza futhi kunomphumela wengcebo.
Kungakho-ke abantu abaningi begcina bethi angisahambi ukuyohlola, hhayi ngoba ebaleka kodwa kunguyena ozosile kugobela ngokuthi avume into engakhi ngqondo uma usuqhathanisa nokuhlupheka kwakho.
Engizama ukukusho namhlanje ukuthi ezintweni esizenzayo empilweni yethu ukucabanga nokusebenzisa ingqondo engiyithatha njenganesikhali esasiphiwa nguMdali sikushiya ngemuva siphike nesithanda ukukuzwa nokukutshelwa khona.
Le nto ifana ncamashi nabantu abahlale beqhosha ngokuthi bayakholwa, bona bayathandaza. Ukukwenza lokho akunankinga futhi akunanxa kuphela musa ukukwenza bese ungabe usasebenzisa ingqondo.
Ezinye izinto ubothatha isikhathi ngokuhlala phansi uzibuze zona. Musa ukuthatha iBhayibheli njengencwadi ezokusindisa, ezinye zezinto elizishoyo zibuze, ujule ngazo, ungathi kwabe kungumlingo kodwa zibuze ngokuqhathanisa impilo yakho nesimo esikhona.
Kuningi esikhule kuthiwa asingakubuzi kodwa othi uma usukhulile wabona izinto emhlabeni wafunda, bese ubona ukuthi kungani kwakuthiwa lezi zinto ungazibuzi.
Kunabantu abakubona kuyicala nento engavumelekile ukuthi uzibuze nokuthi uma kuthiwa uNkulunkulu, nezulu kukhona kulaphi nendawo, uma isibhakabhaka sinje nomhlaba kuthiwa uyindilinga, akufanele ukuninga ngengqondo ngalokho.
Ngoba ujahe ukukholwa uzozitshela ukuthi kungumoya futhi kuyicala nesono ukukubuza lokho. Uthi wazi kahle kamhlophe ukuthi kukhona umthetho othi: Hlonipha uyihlo nonyoko kodwa lokho ungakubuzi ukuthi ngakube ubani “uyihlo” ngubani “unyoko” na?
Kumnandi ukushumayela nokububula ucula, ukhohlwe ukusebenzisa isikhali uMdali akupha sona ukuthi ucubungule ngaso izinto eziphambi kwakho. Ngikholwa ukuthi noMdali uyaye azibuze ukuthi le ngane yami kungani ingasebenzisi isikhali engayinika sona “ingqondo” ekwenzeni izinto zayo? Akukho lapho kuthiwa khona ungabuzi futhi ungafuni ngengqondo.
Kukhona konke ukuphuma kwakho uyofuna izimfihlakalo ngempilo yakho nokukuhlukumezayo, nezinqumo ozithathayo ngokuzokwenza empilweni yakho ukuze uphile impilo othi ngengcono, sebenzisa lokhu okuthiwa “ukuzibuza nokuqhathanisa” okwenziwa “ingqondo” ekuthatheni izinqumo. Ungabuswa imizwa yokuthi ufuna bakubone abanye wenzani, nokuthi utshelwe ukuthini wangakucabangisisa, okuyokuba isinqumo esibuhlungu sikangunaphakade.
Engiqonde ukukusho nakhu: uyohlola, otshelwa khona kumunyunge ngengqondo ukucabe ngamathambo engqondo, ungagwinyi nje. Uyaphuma uya esontweni, uyokhonza, uyathandaza, uyakholwa usukhethe iNkosi, zibuze futhi nakhona lapho, ngabe kuyikhona noma uzijabulisa emini ebusuku ukhihla isililo na?
Sebenzisa umqondo ukuze ugweme ukuyobuza enganeni ube umdala.
Bhedlindaba
Esigodlweni saseMlambomunye
087 11 00 555.