ELINYE lamabhange akuleli zwe i-First National Bank, selikhiphe isexwayise elisibhekise ebantwini abazobe behambela izindawo ezehlukene ngala maholidi okuphela konyaka, ukuba mehlomane - baqaphele amaqola aba mandla ngalesi sikhathi sonyaka.
Inhloko yophiko olubhekele ukusebenza kwamakhadi asebhange nokugwema ukuqolwa kwabantu, uMnuz Christopher Boxall, ithe njengoba sekuyilesi sikhathi, abantu abaningi basuke behlele ukushaywa wumoya, bejabula emva konyaka wonke besebenza kanzima.
“Nokho kumele abantu bakubeke emqondweni ukuthi ukuhambela izindawo ezehlukene kukubeka engcupheni wena nemali yakho, ngakho kumqoka ukuba mehlomane ukuze ugcine imali yakho iphephile, futhi ugweme nokuba wumgilwa wezigelekeqe ezigebhele ukuqola abantu,” kucebisa uBoxall.
Ucebise ukuthi abantu bagweme ukusebenzisa ama-Wi-Fi asemphakathini ukungena kuma-app abo asebhange, okungcono bangene nge-data nje kumaselula abo.
Nawa amathiphu okunye ongakwenza ukuvikela imali yakho:
1. Hlale uqaphe i-akhawunti yakho yasebhange
– Qinisekisa ukuhlale uqaphe i-akhawunti yakho yasebhange uma uhambela ezindaweni ezehlukene, wenzele ukuthi kukhona okusolayo okubonayo, uphuthume ukukubika ebhange lakho.
2. Gada amaqola abhoke yonke indawo:
– Ngamaholidi yilapho amaqola egcwala khona kunangezinye izikhathi zonyaka. Qaphela imiyalezo engajwayelekile ezongena ocingweni lwakho, futhi uqaphele nezingcingo ozozithola zabantu abazokushayela befuna imininingwane yakho neyasebhange.
Khumbula ukuthi ibhange lakho ngeke nanini likufune inombolo yakho eyimfihlo, futhi alisoze lakuthumelela imiyalezo noma ama-email, liyicela ngawo. Ungalenzi iphutha lokunikezela kubantu ngemininingwane yakho eyimfihlo bese uqikelela ukubheka ukuthi i-website othenga kuyona online ngesemthethweni futhi engasolisi.
“Khumbula ukuthi ukunaka izinto ezincane, abanye abantu okungelula ukuthi bazinake, kungakusiza ukugwema ukulahlekelwa yimali yakho,” kusho uBoxall.