UKUPHUCWA umhlaba, okwabe kungukuphucwa isibaya nengcebo yomnotho waso nokufudukeliswa emalokishini njengezimvu, kwakuwukuthuliswa kwesintu namasiko ethu ukuze konke sikwenze ngokungekhona.
Sekwenzekile lokho, kube sekulandwa umkhonto ukuba uzogwaza uqedelele okuyimfundo engelutho nehawu lokuvika konke lokhu, okuzinkolo namhlanje esezifana nehawu lokuvika.
Kuningi namhlanje ezintweni zethu zesintu osekushiwo ngenye indlela, hhayi ngabamhlophe kodwa yithina uqobo lwethu ngakho lokhu kwephucwa.
Kulula manje ukuzwa umuntu omnyama ethi “angiyidli mina inyama yesilwane esikhulunyelwe emsamo”, kodwa ebe engaqondi ukuthi ngenjani esuke ikhulunyelwe emsamo, enjani esuke ingakhulunyelwe emsamo.
Lokhu kuphambana kweyame khona ekungasazini izinto nokufucelwa osuhambe ukuzwa.
Kuvamisile-ke uma kwenziwe umsebenzi wesintu kubekhona abantu abathi mina angiyidli inyama eshiselwe impepho kumbe ekhulunyelwe emsamo.
Kube kuyiqiniso lelo elingephikwe kodwa indlela osekwenzeka nokukhulumeka ngayo akusekhona lokhu okuyisintu esazekayo. Ngokwesintu, uma umuntu enza umsebenzi, isilwane okuyisona esiya emsamo kuyobikwa kumbe kuvulwa umsebenzi wesintu omkhulu, imbuzi.
Leyo mbuzi eyenziwa ngamalungu omndeni kuphela kungekho muntu wangaphandle. Yenziwa ngosuku inkomo ibe yona izokwenziwa ngakusasa esibayeni. Imbuzi iyona eshiselwa impepho emsamo wasekhaya ngamalungu omndeni ephelele wonke.
Imbuzi le ilala bese ivukelwa ekuseni isiphekwa idliwe ngamalungu omndeni kupheka. Umuntu wangaphandle akalinge anikezwe inyama yayo ngoba kusuke kungeyempepho nethongo lalapha ekhaya kuphela.
Kuyaye kuthiwe-ke ayidlizwe iphele nya kubekwe amathambo angalahlwa futhi ayiphumi ngisho nakulowo olilungu lomndeni. Uma kufika umuntu wangaphandkle, akalokothi ayidle futhi akakhishelwa nokukhishelwa isithebe sayo.
Uma kwenzekile yasala, iyabekwa ilokhu idliwa kancane kancane. Uma igcina ngokungapheli, ishiswa namathambo ekugcineni emva kwesikhathi esingangesonto, sekushiswa namathambo enkomo yalowo msebenzi.
Inkomo uma isihlatshwa ngakusasa ayibe isashiselwa impepho ngoba kusuke sekukhulunyiwe empephweni ngembuzi ngayizolo. Inkomo iyabe isikhonjwa esibayeni umnumnzane esechaza kulabo abanikeza isithebe ukuthi nasi isithebe sabo esikhulu kumbe aqondanise nalowo okunguyena amkhuphulayo kumbe amnikeza isithebe.
Inyama-ke yaleyo nkomo iyona edliwa yiwona wonke umuntu noma ngabe ukuyiphi inkolo noma uqhamuka kuphi. Lokhu sekuyadida kakhulu ngoba akusaqondakali ukuthi imbuzi lena ewiswa ngaphambi kwenkomo isuke iyini ngempela nomsebenzi wayo, ngobani abayidlayo nabangayidli, bese inkomo yona idliwa ngobani?
Kungakho nayo inyama yenkomo idliwa ngokwabiwa ngokwezitho zayo. Inhloko nesixhanti idliwa esibayeni ngabamnumzane, isinqa ngesezalukazi, ekhaya asiphumi. Isifuba sidliwa ngomalokazane, imihlubulo ngomama. Izitho lezi zidliwa ngenhlonipho nangokucophelela.
Namhlanje sekulula uzwe abantu bethi mina angiyidli inyama eshiselwe impepho nekhulunyelwe. Kuliqiniso kodwa hhayi ukuthi uma ufica kuhlatshiwe, ngeke uyidle inyama yenkomo ngoba kusuke kungeyona ekhulunyelwe emsamo.
Okuyiyona ekhulunyelwe kakadeni ayikhishelwa abantu bangaphandle, nakuba abantu sebedidekile, bekhiphela abantu noma iyiphi inyama esuke ihlatshiwe. Okunye okufanele esikubheke ukuthi cishe ayikho inyama engakhulunyelwa.
Amadele nezilaha ezininingi namhlanje ziphethwe ngabezinkolo zabaqale baphahle ngokwezinkolo zabo. Isilwane ngaphambi kokuba basihlabe basenza ngendlela yabo njengalokhu uyaye uzwe kuthiwe kukhona inyama eyenziwe ngeHalal.
Akekho umuntu omnyama njengamanje onamadele kuleli laseNingizumu Afrrika. Wonke amadele akhona kuleli angaphansi kwezandla zabamhlophe. Kulawo madele uma kuhlatshwa asazi sonke kwenziwa njani. Kuqala ngokwenqubo yabanikazi balowo madele.
Kunamadele amabili amakhuku kuleli angaphansi kwesandla somndeni, hhayi umuntu oyedwa. Umbuzo uthi inkolelo yalowo mndemi ongabanikazi balawo madele, ithini?
Uma inyama usayithenga esilaheni ungazi ukuthi ihlatshwe kuliphi idela, kusafana nokuthi usadla inyama ongaqondi ukuthi ithe uma ihlatshwa kwadlulwaphi.
Okubuhlungu esingakwazi ukuthi kunenxanxathela yezitolo esicabange ezabanikazi abehlukene. Ngisho lonke uhlobo lwenyama kanti ngezesitebela esisodwa kodwa ngoba kwakhelwe thina bantu bese zehlukaniswa ngamagama.
Kunjalo-ke nalapho kuthengiswa khona inyama. Kunezindawo ezithengisa inyama ongeke umbone omhlophe nowomdabu waseNdiya engena khona, kuyithina kuphela esingena lapho.
Eyakhona inyama ishibhile iphinde iqine ngisho usuyiphekile, ungazibuzi ngalokho. Uma uya kwezithize izitolo ezingenwa nangabamhlophe, uqhathanisa inyama amanzi namafutha, ufike udideke.
Kuningi okufanele sikubheke ngaphambi kokuba sikhulume kakhulu ngokuthi kukhona inyama esingayidli ngoba ikhulunyelwe. Ukukhuluma kungebe okwasempephweni kodwa kube ngokolunye uhlobo bese kuya ngokuthi wena uqonde ukuthini uma uthi kawuyidli inyama ekhulunyelwe.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of African Indigenous Science
GAUTENG: 010 700 5294/5
KZN 087 11 00 555.
069 258 5620