UKUBOZISA ubufakazi nokuzitshela kukaSayitsheni Mlungisi Mthethwa, obe ngufakazi wesibili ecaleni likaSenzo Meyiwa eliqhubeka eNkantolo eNkulu ePitoli, kukhombise ngokusobala ukuthi izwe lethu libheke ehlathini.
Indlela aziphathe ngayo uMthethwa, iwubufakazi bokuthi kusekude phambili. Abaqeqesha amaphoyisa kufanele babhukule bashintshe ukwenza.
Kuyihlazo futhi akulindelekile nje ukuthi umuntu ongusayitsheni angaziphatha ngendlela ethunaza isithunzi sombutho wamaphoyisa waseNingizimu Afrika.
Isenzo sakhe sokungakwazi ukuhlonipha inkantolo, siqubule umbuzo wokuthi wazithola kanjani izimendlela zokuba ngusayitsheni. Ukuze uhlonishwe kufanele uzithobe, ungabi yisidlamlilo.
Ukwembatha ulaka kukaMthethwa, kwenze wazikhwifela ngamathe izifungo maqede wakhohlwa wukuthi kunentsha esalubalubela ukuba ngamaphoyisa ngomuso.
UMthethwa besilindele ukuthi angene ebhokisini lofakazi ageqe amagule ngokuthi kwenzakani ngo-Okthoba 26, 2014 kubo kowabe eyintombi kaMeyiwa, eVosloorus hhayi ukuzopensela abameli ababemhlaba ngemibuzo, befuna iqiniso.
Kuye kwacaca ukuthi kwaduma upotiyane esefikile endaweni yesigameko, wahluleka ukwenza umsebenzi awufungela ukuthi uyowenza ngeqiniso.
Imibuzo imembule izinqe, yaqubula nemibuzo yokuthi wajutshwa kanjani endaweni yesigameko kwaziwa kahle ukuthi useyiklume, alukaqini ukhakhayi.
Kushayise ngovalo ukuphendula imibuzo budlabha nendelelo abeyikhombisa, ekubeni kuvela ukuthi wanyanyalata umsebenzi.
Ngisho nofakazi ombhulele amazolo, uSayitsheni Thabo Mosia, ushaye udaka maqede kwacaca zibekwa ukuthi mkhulu umonakalo emaphoyiseni. Eveza ukuthi washiya indawo yesigameko, wababela kwesinye.
Uma iziphathimandla zingabophi izifociya, ekutheni kwenziwe umsebenzi ngendlela efanele, zikhuphule nenani lamaphoyisa afunde agogoda ekusingatheni izimo ezibucayi, izigebengu zisazochachaza.