KUNOMKHUTSHANA okuvamile ukuthi ungenze sengathi ngihogele ugwayi wamakhala uma ngibona wenzeka.
Lona umkhuba wokuba ugaxekile inyama yomsipha ezintweni ezingafuni wena. Nokho-ke sonke siyayiphila le mpilo kulezi zikhathi zezinkundla zokuxhumana, lapho size singene emakamelweni abantu sipequlula izimfihlo zabo.
Lolu wuhlobo oluthize lofufunyane. Alunambiza yokuluchatha ukuze umuntu aludambise. Nami luyanginamatha, bese ngisizwa ukuthi ngideze ngizoba uphawulina lapha kule ngosi, njengoba ngenza namuhla.
Bengilokhu ngikhuza abaseduze nami belandela ukhetho lwase-USA sengathi olwasemakubo. Abanye ophawulina abanjengami bebenkemfuza kuze kuvele amankanka, bekhuluma sakuhlaziya isimo sepolitiki saseMelika, besho khona ukuthi uKamala Harris uyilokhu nalokhuya, noDonald Trump unje abuye abe njeyaya.
Luze lwafika-ke ukhetho kuleliya zwe ngoba sekuwumlando ukuthi ixhegu elinguTrump, amaMelikana aselibuyisele eWhite House ngemuva kokulichitha zolo lokhu ngo-2020. Angizongena kakhulu-ke kwezaseMelika ngoba nami nginesami isikhuvethe ngepolitiki yezwe lethu, cishe futhi okuyimbuzibeyushuka engikwazi kangcono ukuluma kwayo. Nesenginekhono lokuyinwaya.
Angikubeke phambili lokhu kokuthi kanginanxa nomfo kaTrump ongubufakazi benkulumo ethi akukho silima sindlebende kwabo. Lokhu kwenziwe ama-Republican afune ukugadla ngaye isibili phezu kokujivaza leli zwe elihlonishwa kangaka engasafuni ukwamukela imiphumela yokhetho emimnyakeni emine edlule. Kwaze kwangena izixhwanguxhwangu zalabalandeli bakhe eWhite House, befuna kudliwe izwe ngehheshe kulandela ukwehlulwa nguJoe Biden, kulolo khetho. Ubugovu bokuphatha yinto ekuye.
Kodwa ngiyafuna ukubabaza ubumbulu bepolitiki yezwe eliyisihlonono ezindlebheni zamazwe ase-Afrika, ngokuthi hlobo luni lomholi okumele abe ngumengameli.
IMelika iyinkosi eyazibeka ngokuba yisibuko sentando yabantu. Kodwa ngokwabo intando yabantu yilokhu okuphasiswa yibo. Uma kwenzeka okufanayo kwabanye, kuthiwa abanswinywe ngokomnotho. Namuhla uTrump uzothatha izintambo zombuso phezu kokuba enenkwethu yokutholwa enamacala yinkantolo.
Namuhla le ndoda eyoshaya imithetho eWhite House, yiyo kanye enukwa ngokuhaqwa ubulwembu emehlweni uma kuza ezindabeni zamalungelo abesifazane. Angikuphinde lokhu: uTrump ungumengameli okhethwe yiningi eMelika futhi uyongena kulesi sikhundla ngelikhulu iqholo ngoba kufanele, izakhamuzi zaleliya zwe zithe "sifuna lo" ngo-elethu. Asinazwi kulokho.
Engikwenza lapha akukhona ukuphikisa izifiso zamaMelikana, ngikhumbuza laba bagxamalazi ezindabeni zomhlaba abakhomba umholi osithunzi sakhe sinentshede emenza angafaneli ukuba laphaya. Engikushoyo-ke akushiwo yimi, ngisho ngokwevangeli lamaMelikana.
Engikuthanda ngoTrump kunye: Ukuthi akafihli ukuthi ungubani futhi ukholelwa kuziphi izindlela. Akukuningi abekusho emikhankasweni yakhe ngaphandle kokuthi uzokwehlisela abantu intela, kusimame umnotho, avimbe abangena ezweni labo bengenamvume, kusimame umnotho. Okunye abekusho bekungaqhelile ekuhhemeni komuntu ominyaka yakhe isithe thuthu.
Ngiyazi-ke kuningi ukunakasheleka ngemibuzo ethi ukuwina kukaTrump kusho ukuthini eNingizimu Afrika. Angivuthiwe ngokwanele ukuthi ngibe nombono kulokho kodwa engingakusho ukuthi ukhetho bekungolwase-USA ebhekene nezinkinga egcekeni layo. Ngaleyo ndlela ukuthi sekunomengameli omusha ngeke kushintshe ukuthi iNingizimu Afrika, iyiNingizimu Afrika. Nelanga lisazophuma empumalanga ekuseni, liphinde lishone entshonalanga.
Olunye utwayi lwangempela iMelika okumele izinwaye lona yilolu olubhebhethekiswe nguBiden nge-Israel eGaza, eLebanon nase-Iran. Esinye isikhuvethe seMelika sibizwa nge-Ukraine lapho iRussia ingenise khona.
Olwethu utwayi ububha, ubugebengu, imisebenzi engekho, inkohlakalo nomnotho ongakhuli nje jikelele. Ngeke asinwaye lona uTrump, noBiden akakaze lumncinze nanini.
Kula maphuzu engawabekile: Elokuba nenxemu kwamaMelikana uma ephafuza ngombusazwe wabanye, nalolu lokuthi usho ukuthi umphumela waseMelika kuvela into eyodwa kimi. Okwenzeka eMelika kulandelwa umhlaba wonke, yebo. Kodwa akumkhono wabhantshi lamuntu ngaphandle kwawo amaMelikana.