SIKHATHI esiningi imibhalo elotshwe ematekisini ngemuva iyahlekisa. Ngiqaphelisise ngemva kwemvunge ngeMamelodi Sundowns, yokuthi ithatha bonke abadlali, abanye ibaduve ebhentshini.
Kunombhalo othi; “Umona ifa lezingcanga”.
Emarenki bazoyisho imoto enalo mbhalo. Umfo kaMotsepe uzisebenzisela imali yakhe, akuyona entshontshwe kuhulumeni. Ibhola lakuleli lisantula imali njengoba sinabaqeqeshi abangakwazi ukuhlala ebhentshini uma sidlala imidlalo yeCaf ngoba bengenawo amaphepha adingekayo.
KwiMamelodi Sundowns bonke abaqeqeshi bayo banamaphepha abagunyaza ukuhlala ebhentshini emidlalweni yeCaf. Impumelelo yeSundowns iqala kubaqeqeshi, bagogodile kulo mkhakha, bese bezimisela ngomsebenzi wabo.
Uma ubheka iqembu eliphakela elikhulu lidlala isitayela esifanayo, namantombazane angompetha e-Afrika, adlala isitayela esifanayo. Lokho nje, kuyakutshela ukuthi kunomqondomgomo, wokudlala, akuqunyuzwa nje ibhola.
Okunye edlisa ngakho iSundowns ngukuthi iyawugxisha umqondo wokuzethemba kubadlali uma bephethe ibhola, lokho ukubona nasemaqenjini amancane. Abaningi bebengamazi uShalulile esadlala kwiHighlands Park, namuhla amagoli uwashaya sengathi umhlaba uzobhubha kusasa. UNeo Maema ubengaziwa ekwiCeltic, namuhla ungomunye wabadlali abayinyama.
ISundowns ayihambi ifuna abadlali abaphelelwa yizinkontileka, nanokuthi iyabheka ukuthi yikuphi lapho ishoda khona bese ikhuphula esikwatini esincane noma ithenge.
Manje lo msindo udalwa wukungenzi kahle kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoba kufanele kube yibona obhongoza ekudliweni kwezicoco. Uma ungathatha uRhulani Mokwena, Manqoba Mngqithi noSteve Komphela ubayise kwiPirates, bangawina zonke izicoco. Ngokwami, iPirates inabadlali abangcono kunawo wonke amaqembu ePSL.
OkweKaizer Chiefs khona kulukhunyana ngoba ike isayinise nabadlali abashayisa ngamakhala. Manje iSundowns ingenaphi uma abantu besayinisa izinkomo?
Emidlalweni yezikole noma uma kunama-play-offs kumaligi ezifunda, ufica kunabahlwayi bamakhono beSundowns, iningi labo okungabadlali ababedlala kuyo. Yini evimba amanye amaqembu ukwenze njalo?
Uma unesandla esiphayo noNkulunkulu uyakwandisela. Kunesigaba okwakuthiwa yiVodacom League esasinuka phu inkohlakalo, kuphekwa imidlalo, kwathi uma ihoxa le nkampani kwanenkinga ukuthi abaxhasi bazovelaphi. Ayikho inkampani efuna ukuzihlanganisa nenkohlakalo kodwa umfo kaMotsepe welula isandla, namuhla sine-ABC Motsepe League.
Kanjalo nakwiNFD yahoxa iGladAfrica eyayisekele isigaba seNatonal First Division, waqhamuka futhi umfo kaMotsepe. Namuhla sekuyiMotsepe Foundation Championship, okwathatha imizuzwana ekhulume nosihlalo wePSL u-Irvin Khoza, wafaka izigidi zakhe.
Ebholeni lezikole kuneKay Motsepe Cup lapho isikole sithola uR100 000 ngokuba ngompetha besifundazwe, bese sigixabezwa ngeR1m ngokuba ngompetha bakazwelonke. Ohlulwe lapho uthola R500 000 ngaphezu kwemali yokuba ngompetha besifundazwe.
Ngaphezu kwalokho, ufake imali yakhe engaphezu kukaR200m ukuxhasa imidlalo yeCaf yezikole lapho kuhlanganisa nezikole zakwamanye amazwe okungabafana namantombazane.
Uxhase nomculo wamakhwaya ezikole, bese enikelela izikole ezinezidingo ezweni lonke kuye kube nezimbizo lapho kusuke kwemukeliswa izikole ezifundazweni, lapho abezindaba beyingxenye yale migubho.
Amabandla ngokuhlukana kwawo athola iminikelo yokuthi azithuthukise ukuze angalokhu eba okhangezile. Nabaholi bakithi bomdabu bayahlomula kwiMotsepe Foundation, ikakhulukazi kwezolimo.
Bekunezikhukhula eKZN nakwezinye izifundazwe, wanikela ngezigidi zamaRandi engabheke lutho oluza kuyena.Into enhle iyabonelwa nawe zama ukwenza ngcono, kunokuthi ube nomona.
I-Chiefs esungulwe phambi kwethu yayithatha kwani engumdlali ongcono kwabunjwa iKaizer X1, akekho owababaza.UPetros "TenTen" Nzimande, Ewert Nene nabanye bashushumbiswa ebusuku baya eGoli, ntambama babizwa emdlalweni nguThetha Masombuka.
Ukapteni woSuthu wokuqina u-Eric "Nduna" Ngidi waphelela ePhefeni, uCecil Chiliza esaziqhenya ngaye kwiLamontville Golden Arrows waphelela ePhefeni, noShaka Ngcobo usazozalwa ongadlala njengaye, waphela khona. UMlungisi Ngubane wagoloza ukuya eGoli.
Kwakukuhle kudelile, abafana abakhulayo babecabanga iPirates neChiefs ngobukhulu bawo la maqembu.
Abadlali beSundowns bahola imali engasukumi phansi, yimuphi umzali, inkosikazi nomndeni ongekujabulele lokho? Ibhola liwumdlalo wesikhathi esifushane ngakho-ke kumele baqoqe kusakhanya.
I-Sundowns ayinabo abaxhasi, iningi labaxhasi likwiChiefs nePirates, akekho kodwa obanga umsindo ngalokho.