MHLELI: Ngicela ungiphe isikhala ngisike elijikayo ngiluleke abanikazi bomdlalo okade udlala kwithelevishini othi Shaka-Ilembe ofike esiphethweni kowesigamu sokuqala.
Abaphathi nabaqophi balo mdlalo uma sebenza amalungiselo okuqopha isiqephu sesibili, ngibacebisa ukuba bazehlise baxhumane nabantu abazi umlando nabemindeni ethintakayo.
Lokho kobasiza ukuba bangaphinde badlise isizwe sikaNodumehlezi kaMenzi ubuthi njengoba benzile esigabeni sokuqala somdlalo.
Emdlalweni wokuqala kubukeka kukuningi abakususele emakhanda. Uma kungesibona kobe baphandiswe iqanda lenjelani yilabo abebebasiza ngolwazi.
Impela babanikeze amahhuhhwa uqobo lwawo. Ngike ngabhala usanda kuqala umdlalo ngiveza okuthile okwakungalungile.
Eqinisweni lilonke ngingathi ku-100%, u-95 wawo bekuyinganekwane. Ukukha okumbalwa emlandweni abakaze nakanye abakwaMhlongo bakhe umbimbi nabakwaNdwandwe lokuhlanganyela isizwe sakwaMthethwa.
Inkosi uMakhedama Mhlongo ihlale esihlalweni ilandelana nokuhlala kwenkosi uShaka kodwa kuleya ntimboti kuvele ilwa nabakwaMthethwa, inkosi uShaka isekwaMthethwa ingakabi yinkosi - yilumbo lelo.
Lokhu abakuveze kwenziwa yiLembe kwabakwaMhlongo emva kwempi, yilumbo kwazise vele kwampi leyo iyilo ilumbo.
Kunesigigaba esivele kowokugcina lapho abakwaNdwandwe behuba ihubo elithi Uphondo lukhala kwaSothondose. Yinganekwane leya.
USothondose kaMalusi wayengakabi ngisho yinkosi kubusa uZwide kwaNdwandwe. KwaNxumalo kwakusabusa uyise inkosi uMalusi. Pho livelaphi leliya hubo?
Laba bathathele ekhanda ngokuthi bake bezwe abakwaNxumalo bezithakazela ngoSothondose, base becabanga ukuthi wayekade waphila ngesikhathi senkosi uZwide.
Ngiyaphinda ngiyabanxusa ukuthi mababuze kwabazi umlando, bayeke ukulimaza isizwe sikaNdaba ngobuthi.
Ayikaze inkosi uMakhedama ibulawe yinkosi uZwide nonina uNtombazi. Kodwa inkosi uMakhedama ikhothame ngasekupheleni konyaka u-1827 ibulawa ngumzala wayo iSilo uShaka ngoba ingezanga ukuzosikhalela kukhotheme unina waso.
Wabulawa waphonswa esiweni entabeni yaseNgudwini. Ikhothama inkosi uZwide nonina uNtombazi babe kade bakhothama njengoba inkosi uZwide ikhothame lapha ko-1822 kanti unina yena ngo-1819.
Asikho sidalo futhi lesi sigameko abathi senzeka, inkosi uDingiswayo yethula iLembe enkosini uBhungane nasenkosini uMakhasana yakwaTembe.
Inkosi uSigujana yabulawa nguNgwadi beyogeza emfuleni owamuminzisa emanzini, iLembe lingekho lisekwaMthethwa.
NoMsutwana uMundli ukuthi wabulawa yiLembe uqobo, yilumbo. Wabulawa yinsizwa yebutho eyanikwa ilungelo yiLembe. Wafa elwa njengoba wacela ukungabulawa njengomthakathi.
Kodwa abalo mdlalo basivezele ilumbo, iLembe lizibulalela lona. Wabulawa kade inkosi iLembe langena esihlalweni, hhayi njengoba sivezelwa ebulawa uqobo lwaso yiSilo iLembe.
Kwalokhu kokuthi iLembe lethulwa kuyise inkosi uSenzangakhona efika kwaMthethwa, yihaba. Uyise wazibonela umfana angamazi waze wathatheka ngokusina kahle kwakhe.
Waze wambuza enkosini uDingiswayo, ukuthi ungowakwabani. Inkosi yakwaMthethwa yamfihlela, yathi yindodana kamnawayo, uMbiya kaShangane.
Baze babonana iLembe noyise ngosuku olulandelayo, seledlule ijadu, okuyilapho iLembe laze lacela umkhonto kuyise.
Wenqaba ukulinika elawukhetha, wathi ngokaSigujana, kungcono likhethe omunye. Yilapho ladinwa khona lasola uyise ngokunikeza umnawalo uSigujana ilungele lalo lokuba yizibulo.
Kunesigatshana lapho sizwe khona uMntwana uMundli ethi kuMntwana uMkabayi nginguyihlo angeke ngizwe ngawe. Hawu! Usenguyise kanjani umnewakhe. Phela uMkabayi uzalwa yinkosi uJama kaNdaba, bese uMundli azalwe nguMntwana uNkwelo kaNdaba.
Siyaphaphatha impela sinxenxe ukuthi isigaba esilandelayo qinisekisani ukuthi nixhumana nabazi umlando banitongelise ngongqo hhayi lo vobo enisitongelise wona kophelile.
Kuningi ebengingakuhlaba kodwa ngenxa yesikhala ngizoma lapha, ngethemba lokuthi basazophawula nabanye.
Senzo Maswidi kaKhakhayi Mbatha
KWASANGUYE