USEZOBA yinkosikazi umelaphi wendabuko uLee-Anne Mokopo odume ngelikaGogo Maweni, ozakhele igama ohlelweni lwethelevishini iThokoza Gogo ebikhonjiswa kuMoja Love.
UGogo Maweni nesoka lakhe, uSabelo Mgube, kulindeleke ukuthi baqede ngemicimbi ethinta umshado wabo ngenyanga ezayo.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi laba bobabili baqale ngomcimbi obubanjwe ngempelasonto eGoli, kubo kaGogo Maweni nokuzothi ngenyanga ezayo beze KwaZulu-Natal.
“Usuku lwabo olukhulu luzoba ngo-Agasti 24. Kuzobe konke kwenziwa kwaMgube eMaqongqo. UGogo Maweni kuleli sonto eledlule kube nomcimbi wokwamukela abakhwenyana kwase kuba nomembeso. Uma sekuziwa ekhaya kwaSabelo kula kuzobe sekunomcimbi womabo bese kuba umshado la uGogo Maweni eyobe egqoke khona ingubo emhlophe, kugoqwe yonke into,” kusho umthombo.
Uthe laba bajabule ngalolu hambo njengoba bedlule ezintweni eziningi othandweni lwabo.
USimphiwe Majola ongumxhumanisi nobhekelele izindaba zalaba, uveze ukuthi uzozama ngayo yonke indlela ukutholela Isolezwe izimpendulo ngemibuzo elinayo.
“Engingakuqinisekisa ukuthi ube khona umcimbi wokuqala kuleli sonto, sonke sizibonile izithombe ezinkundleni zokuxhumana. Kodwa okunye ngeke ngize ngande ngakho, ngizokuzamela ukuthi uthola konke kubanikazi bodaba, uma nje ungangipha isikhathi ngixhumane nabo ngiyathembisa bazokunika yonke imininingwane oyidingayo ngezinhlelo zomshado wabo,” kuchaza uSimphiwe.
UGogo Maweni uke wangafihla ohlelweni lwakhe ukuthi uSabelo uke wamhlupha uma kuziwa kubantu besifazane njengoba ebeyisoka lamanyala.
Okunye okuke kwavela ngabo ukuthi balindele ingane yabo kodwa abazoyithola ngohlelo lwe-surrogacy.