UMHLELI weDurban Jazz Festival, uMdu Ngcobo, uthi basezinhlelweni zokuxoxa nemindeni yabaculi abangasekho, ngenhloso yokubahlonipha emcimbiniwanonyaka.
I-Durban Jazz Festival, ebasedamini eHazelmere ngaseVerulam, ngoDisemba 26, ikhuza ibuya ngemuva kokuthikamezeka ngenxa yemithetho yokunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19 ebivimba ukuthi kuhlanganyele abantu abaningi endaweni eyodwa.
“Sikhuluma nemindeni yawo wonke amaqhawe ake abeka unyawo kwiDurban Jazz, ngenhloso yokuthi ahlonishwe njengoba sigubha iminyaka engu-20. Ngibala uSipho Gumede, Hugh Masekela, Jonas Gwangwa, Robbie Malinga nabanye,” kusho uMdu.
Uthe njengoba begubha iminyaka engu-20 kulo nyaka, bazoba nabaculi abangu-20 noDJ.
Yize ethe bazomemezela maphakahi nenyanga uhla oluphelele lwabazonandisa kodwa uthe uZahara ungomunye wabo.
“Kade sivule ithuba losomabhizinisi abancane ukuthi bafake izicelo zokudayisa. Bathumelile futhi sebekhona abangu-30 abaqokiwe. Badayisa izinto ezahlukene njengokudla, izikibha nokunye. Okuhle wukuthi iningi labo ngabendawo, ngabantu besifazane futhi basengabantu abasha,” kuchaza uMdu.
Uthe yize bengakaludaluli uhla lwabaculi kodwa kuleli sonto azoqala ukudayisa amathikithi eWebtickets nasePick n Pay.
“Izinto zikhuphukile kodwa amathikithi e-jazz asamile emalini ayeyibiza ngo-2019. Lawa azovulwa kuleli sonto azoba yisibalo esikaliwe. Ithikithi le-general lizoba nguR295, kuthi i-golden circle ibe nguR450. Kuzoya ngokuthi wubani ofike kuqala. Senzela abathandi be-jazz abaziyo ukuthi bayela ubumnandi, kabalindi ukubona ukuthi wubani ozonandisa. Vele abaculi ababathandayo bazobathola. Azothi uma esephelile bese iyanyuka intengo ibe nguR350 i-general bese kuthi i-golden circle ibe nguR500.”
Uthe ikhefu abalithathile bengawenzi umcimbi lizobenza babuyengamandla benze umcimbi osezingeni eliphezulu.